
Ubhale wacisha uKwayiba ebuzwa ngePirates
Umgadli weChippa United neBafana Bafana, uSinoxolo Kwayiba, uzame konke ukubalekela ukuphawula ngamahlebezi amkhomba kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
Lo mgadli oneminyaka engu-25 ubudala wenze kahle ngesikhathi edlala kwiBafana Bafana.
Banqobe ngo 2-0 behlula iMozambique emdlalweni wobungani ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Nguye oshaye igoli lokuqala, engqofa ngekhanda ibhola ebeligotshwe uMohau Nkota kade kuyikhona ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Ukudlala kahle kwakhe kumenze waqokelwa indondo yoMdali oVelele kulo mdlalo obushisa.
Ngemuva komdlalo uSinoxolo Kwayiba uzwakalise ukujabula ngokushaya igoli lakhe lokuqala eqenjini lesizwe, wathi wethemba ukuthi uzolilamanisa ngamanye amaningi.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba bengilokhu ngilithandazela leli thuba,” kusho yena.
“Bengilokhu ngiwashaya amagoli eqenjini lami kwiPSL, futhi bengithandazela ukuthola igoli lapha kwiBafana Bafana.
“Futhi manje lelo phupho lami selifezekile — ngijabule kakhulu,” kuqhuba yena.
Lapho ebuzwa ngekusasa lakhe, uSinoxolo Kwayiba ubhale wacisha kodwa wakuveza ukuthi kungenzeka athuthele ekilabhini enkulu.
“Ake sithembe ukuthi kuzokwenzeka lokho. Vele yilokho ebengilokhu ngikuthandazela,” kuqhuba yena.
Nokho ube esebuye ejika, ezama ukuwubalekela lowo mbuzo ngokubuyela ekukhulumeni ngokuthi udlale kanjani kulo mdlalo weBafana.
“Ngijabule ngokusebenza kwami namuhla. Kodwa ngifuna ukwenza okwengeziwe – ake sithembe ukuthi kuzokwenzeka.”
Ecindezelwa ngekusasa lakhe, uvumile, “Ngethemba ukuthi ngizodlalela iqembu elikhulu maduze.
“Yiphupho lami ukuthuthela eqenjini elikhulu, bese ngiphumela ngaphandle ngiyodlala phesheya kwezilwandle.”
Imibiko iveza ukuthi i-Orlando Pirates isivele imsayinile uSinoxolo Kwayiba ukuqinisa ngaye ngesizini ezayo.
Kubhekwe ukuthi amenyezelwe nabanye abahlanu njengabazoqinisa iPirates ngesizini ezayo.
