
Kuyakhula ukuqagela ngabashiywe yiSundowns
Sekusuke ukuqagela ngekusasa labadlali abangu-12 abashiywe yiMamelodi Sundowns ngesikhathi iya kwiFifa Club World Cup.
IMamelodi Sundowns ishiye iNingizimu Afrika yaya kwiFIFA Club World Cup e-USA ngeSonto emini.
Ihamba nje ishiya emuva abadlali abangu-12 abasezingeni eliphezulu futhi abangadlala njalo kunoma yiliphi elinye iqembu kwiPSL.
Omunye wabanakeke kakhulu kwabasalile nguKobamelo Kodisang, okuvele kunemibiko yokuthi ikusasa lakhe kule kilabhu liyacikiza.
Lo mdlali wasesiswini ujoyine iSundowns esuka kwiMoreirense FC yasePortugal kodwa wafike wakuthola kunzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
Kule sizini esanda kusongwa udlale imidlalo engu-13, washaya amagoli amabili, wakha amabili.
Inqubekela phambili yakhe iphazanyiswe umbango wendawo yokudlala njengoba ebebanga noTashreeq Matthews, uLucas Ribeiro, noThemba Zwane phakathi kwabanye.
UMiguel Cardoso unqume ukumshiya uKodisang eqenjini elihambayo.
Omunye umdlali okumangazile ukusala kwakhe ngumdlali wasemuva ophuma e-Argentina uLucas Suarez.
Abanye abasalile ngoTerrence Mashego, uKegan Johannes, uJody February, uMatias Esquivel, uZuko Mdunyelwa, uThapelo Maseko, uSanele Tshabalala, uNtandoyenkosi Nkosi, noSiyanda Nyanga.
Umdlali wasemuva kwesokunxele othembisayo u-Asekho Tiwani yena usale ngenxa yokuthi walimala ngesikhathi edlala eqenjini lesizwe kwi-Under 20 Afcon ebise-Egypt muva nje.
IMamelodi Sundowns iqhathwe kuGroup F kulo mqhudelwano kanti izoqala umkhankaso wayo ne-Ulsan FC yase-Asia ngoJuni 18.
Umdlalo wayo olindelwe ngabomvu nokho ngoweBorussia Dortmund yaseGermany ozoba ngoJuni 21.
Izobe seyiqeda eyesigaba samaqoqo ngokubhekana neFluminense FC yaseBrazil.
Yize ishiye ngemuva laba badlali abasezingeni eliphezulu, iMamelodi Sundowns iseneqembu eliqinile futhi izobheka ukuzakhela igama kulo mqhudelwano.
Njengoba besahlome ngoLucas Ribeiro, Marcelo Allende, noThemba Zwane, ompetha beBetway Premiership baseneqembu elibukhali ngokwanele.
Ukuti kuzokwenzakalani ngalaba abasalile sekuzocaca ngokuhamba kwesikhathi, kodwa kubukeka isikhathi sabo eChloorkop sesiphelile.
