EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs ezingxoxweni nelaseZambia ngomdlali wasesiswini

Izingxoxo zihamba kahle futhi kubukeka iKaizer Chiefs izomthola umdlali wasesiswini weZesco United okuthiwa imfunisa okwemali.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala, uLuka Mutoshi uhlabe umxhwele izinhloli zeKaizer Chiefs ngesikhathi seCAF Confederation Cup.

UMutoshi udlalile ngeskhathi iZesco ibhekene naMakhosi futhi naphezu kokudlala imidlalo emithathu kuphela kulo mqhudelwano, uhehe amehlo.

Ngokombiko weCitizen, umthombo osondelene neZesco United uthe izingxoxo phakathi kwala makilabhu seziqalile.

“Izingxoxo phakathi kweChiefs neZesco seziqalile futhi ziqhubeka kahle,” ucashinwe usho kanje lo mthombo.

UMutoshi kukholakala ukuthi naye uyafuna ukujoyina iKaizer Chiefs njengoba ebona ingaba yindawo ekhahle yokukhulisa umsebenzi wakhe.

“Lo mdlali ufuna ukuya eNingizimu Afrika… IChiefs iyiqembu elikhulu kakhulu kanti uLuka ukholwa ukuthi ukuthuthela kuyo kuzothuthukisa umsebenzi wakhe. 

“Inhloso yakhe enkulu wukudlala phesheya kwezilwandle ngelinye ilanga,” kuqhuba lo mthombo.

IKaizer Chiefs ike yangena emakethe yeZesco, yasayina uLazarous Kambole ngo-2019 — nokho lo mgadli engabanga nempumelelo eyayibhekiwe kuMakhosi.

Ukuthi Amakhosi uzosiphothula yini isivumelwano sokusayina uMutoshi sekuncike ekutheni la makilabhu womabili ayavumelana yini ngemali.

Kodwa izinkomba zithi izingxoxo zihamba ngendlela efanele, kanti lo mdlali wasesiswini omude angase abonakale kuMakhosi ngesizini ezayo.