
Kungani uMngqithi eqoke i-Arrows, uMakaab uyachaza
UMike Makaab usecacise ukuthi kungani uManqoba Mngqithi ekhethe ukubuyela kwiGolden Arrows.
Lokhu, kwenzeke naphezu kokuthi lo mqeqeshi ubefunzwa kwamanye amaqembu okukhona kuwo nelase-Egypt elingadalulwanga.
UMngqithi, oneminyaka engu-52 ubudala, ubengakasebenzi ndawo selokhu ahlukana neMamelodi Sundowns ngasekupheleni konyaka odlule.
Usebenze emikhakheni eyahlukene yokuqeqesha iminyaka engaphezu kweshumi ekwiSundowns.
Ukubuyela kwakhe kuBafana Bes’thende kuphawula ihlandla lakhe lesithathu kuleli qembu.
Kuvela ukuthi uhlose khona ukusiza leli qembu lisuke kule ndawo eyingozi elikuyo kwiBetway Premiership.
Njengamanje i-Arrows ihlezi endaweni ka-11 kwilogi ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-16, ilwela ukusuka ezindawnei zezembe.
Umlando kaMngqithi kwi-Arrows mude
Lo mqeqeshi uqale wagqama kwiGolden Arrows phakathi kuka-2007 no-2010.
UManqoba Mngqithi wazakhela igama ngokuhola i-Arrows inqoba isicoco sayo sokuqala ngqa seMTN8 ngo-2008.
Ushiye ngo-2010, waya kwiChippa United naMaZulu FC ahlale kubo isikhashana.
Wabe esebuyela kwi-Arrows ngo-2012 kodwa nakhona akangaba nasinqe.
Ngo-2013, washiya wayojoyina iSundowns njengephini kaPitso Mosimane.
Kamuva uthathe izindima ezihlukene, okuhlanganisa nesikhundla somqeqeshi oyinhloko ngesizini ka-2023/24 ngaphambi kokuxoshwa.
Kungani ekhethe i-Arrows
UMike Makaab ukuqinisekisile ukuthi isinqumo sikaManqoba Mngqithi sithathelwe phezu kobudlelwano bakhe obuqinile nomnikazi weqembu uMato Madlala.
Futhi ubona ikilabhu njengomsebenzi wesikhathi eside ohambisana kahle nezifiso zakhe njengomqeqeshi.
“Bekukhona amanye amaqembu amfunayi, okuhlanganisa nentshisekelo enkulu evela e-Egypt.
“Kodwa iphrojekthi ye-Arrows yiyo emhehe kakhulu,” kusho uMakaab etshela i-FARPost.
Isipiliyoni sikaMngqithi sizohlomulisa nabaqeqeshi abasebancane uMusa Bilankulu noKagisho Dikgacoi, i-Arrows ebabona njengabaholi ababalulekile bakusasa.
“Yingakho sikhethe i-Arrows, futhi kukhona abaqeqeshi ababili ku-Arrows abasebancane abanekhono elikhulu.
“Bazohlomula kakhulu ngesipiliyoni somqeqeshi ofana noManqoba.”
Umdlalo kaMngqithi wokuqala kuzoba yila ezobhekana khona nezakhe zakudala iSundowns.
Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weBetway Premiership eMpumalanga Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
