
IPirates ichaza ngabangekho, ayiyithi vu ekaSaleng
I-Orlando Pirates izobe ingenabo abadlali ababili abamqoka uma isibhekene neChippa United emdlalweni obalulekile weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlalo okumele nakanjani i-Orlando Pirates iwunqobe futhi obhekwe ngabomvu useNelson Mandela Bay Stadium kanti uzoqala ngo 7.30 ebusuku.
Umdlali oyinjini yeBucs esiswini uPatrick Maswanganyi nonozinti uSipho Chaine bazobe bengekho kulo mdlalo.
UChaine, owake waba ngunozinti weChilli Boys, umisiwe ngemuva kokuqoqa ikhadi lakhe lesine eliphuzi behlulwa yiMarumo Gallants ngempelasonto.
UMaswanganyi, obuye aziwe ngelikaTito, akakadlali ngenxa yokulimala ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba ngo 2-1 ihlula iCape Town City ngesonto eledlule.
“UTito ulimale kanzinyana. Sisiqaphile isimo sakhe futhi sinikeza nsuku zonke siyalazisa ithimba labaqeqeshi ngaye,” kuqinisekisa ithimba lezokwelapha lekilabhu.
Le kiabhu iphinde yaveza okubambe bonke abanye abadlali abangekho eqenjini kulezi zinsuku ngenxa yokulimala nokunye.
I-Orlando Pirates iveze nezikhathi okulindeleke ukuthi babuye ngazo. Kodwa ayiyithi vu ekaMonnapule Saleng.
Lo mdlali ohlaselayo usenezinyanga ezintathu engekho eqenjini futhi isikhala sakhe siyabonakala.
USaleng akalimele futhi njengamanje useqenjini leBafana Bafana elidlala imidlalo yokuhlungela iChan ne-Egypt.
Imibiko eyahlukene iphakamisa ukuthi izinkinga ezithinta ukuhluleka ukuya phesheya kwezilwandle kanye nezingxabano ngenkontileka yikhona okwenza angabi bikho.
Njengoba kunenqwaba yabadlali abangekho nje, amaBhakabhaka kuzodingeka asebenze kanzima ukuthola amaphuzu amathathu abalulekile kwiChippa.
- FUNDA NALA | Kungani uMngqithi eqoke i-Arrows, uMakaab uyachaza
Phela kumanje ilandela iMamelodi Sundowns ezihola phambili kwilogi ngamaphuzu angu-18, kodwa isilele emuva ngemidlalo emine.
Isibuyekezo esigcwele sabalimele kwi-Orlando Pirates:
🔹UMiguel Timm (iqakala) – Useqalile ukujima enkundleni; kulindeleke ukuthi abuye ezinsukwini eziyisikhombisa kuya kwezingu-14.
🔹 UThabiso Monyane (umsipha wethanga) – Useqalile ukujima enkundleni, uzoqala ukugijima ngesivinini esiphezulu ngesonto elizayo.
🔹 UZakhele Lepasa (iqakala) – Useqalile ukuziqeqesha nababuyisa amandla akhe omzimba.
🔹 U-Olisa Ndah (umbala) – Ubuyele ekuqeqesheni ngokugcwele, usagxile ekuqiniseni umzimba.
🔹 UThabiso Lebitso (iqakala) – Uselashwa kulandela ukuhlinzwa, okwamanje usahamba i-physiotherapy.
🔹 UThabiso Sesane (umsipha wesithende) – Useqalile ukwelulama ngemuva kokuhlinzwa, okwamanje usahamba i-physiotherapy.
