
I-PSL yethula imithetho emisha eqinile kubadlali ‘abalwayo’
ISouth African Football Association seyazise ngokusemthethweni iPremier Soccer League (PSL) ngokuqaliswa ngokushesha kwemithetho emisha.
Le mithetho isanda kugunyazwa yi-International Football Association Board futhi kuhloswe ngayo ukugwema ukuziphatha okungekuhle kwabadlali.
Le mithetho izosebenza kuwo wonke amaligi ePSL – okuyiBetway Premiership, iMotsepe Foundation Championship neDStv Diski Challenge.
Olunye lwezinguquko ezinkulu luqondiswe kubadlali abavala imilomo ngesikhathi kukhona abakusho kwabanye abadlali noma onompempe.
Ngaphansi kwale mithetho emisha, onompempe bazoba negunya lokukhipha ikhadi abomvu kubadlali abavala umlomo ngezandla.
Iziphathimandla zebhola zikholwa ukuthi lo mkhuba ususetshenziswa kakhulu ukwenzela ukungabonakali uma besebenzisa ulimi olubi.
Esinye isichibiyelo esibalulekile sigxile ekutheni kubadlali abaphuma enkundleni ngoba bephikisana nezinqumo zonompempe.
Izikhulu zomdlalo manje sezizoba negunya lokukhipha noma yimuphi umdlali oshiya inkundla ukuze abonise ukuphikisa.
Izikhulu zeqembu ezikhuthaza abadlali ukuthi ba[hume enkundleni nazo zingase zizithole zijeziswa kanzima.
I-IFAB iphinde yathi noma yiliphi iqembu elitholakala necala lokunxenxa ukudutshwa komdlalo, lizothathwa njengelihluliwe kulowo mdlalo.
ISafa seyiyalele i-PSL ukuba yazie amaqembu ayo ngale mithetho emisha futhi kuxoxwe ngayo ngaphakathi.
Ixwayise ngokuthi abadlali namakilabhu bangabhekana nezijeziso ezinzima uma behluleka ukuhambisana nemithetho emisha.
Ngokusho kweFARPost, isikhulu esiphezulu sePSL uMato Madlala sikhuthaze amakilabhu ukuthi aluthathele phezulu lolu daba.
