EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns isiqinisekise embonise angena ngalo eChloorkop

IMamelodi Sundowns isiqinisekise ukuhlukana kwayo nomunye wabadlali bayo bangaphandle obefike ethwelwe ngeqoma, kodwa wehluleka wancama ukuzakhela igama. 

Lo mdlali wasesiswini wasePortugal, uMiguel Reisinho, ukhonjwe isango afika ngalo ngemuva kwesizini eyodwa kuphela eChloorkop.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala wajoyina iSundowns ekuqaleni kwesizini ka-2025/26, ehambisana noNuno Santos. 

Wafika eNingizimu Afrika enedumela elihle, ikakhulukazi ngenxa yekhono lakhe elalinconywa kakhulu.

Nokho, izinto azimhambelanga ngendlela obekulindeleke ngayo kuMasandawana. 

UReisinho waqala impilo yakhe kwiMamelodi Sundowns ngendlela enzima ngesikhathi ekhishwa ngekhadi elibomvu emizuzwini yokuqala yomdlalo wakhe wokuqala.

Wagcina edlale imidlalo engu-14 kuyo yonke imiqhudelwano. Wakwazi ukushaya amagoli amabili futhi wakha elilodwa.

Kodwa wehluleka ukuthola indawo ejwayelekile eqenjini. Wabhekana nokuncintisana noTeboho Mokoena, Marcelo Allende noJayden Adams ongasekho.

ISundowns manje isikuqinisekisile ukuthi uReisinho usehambile. 

Iqembu nomdlali bavumelene ngokunqamula inkontileka yakhe ngokuvumelana.