
IBafana Bafana izogadulisana nezikaMcCarthy kweyokuhlunga
Ngokweqoqo, iBafana Bafana kumele ingene kalula kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2027 ezoba seKenya, Tanzania nase-Uganda.
Ukuqhathwa kwemidlalo yokuhlunga, okwenziwe e-Egypt ngoLwesibili, kufake iNingizimu Afrika kuGroup D nosokhaya iKenya, iGuinea ne-Eritrea.
Imizuliswano emibili yokuqala ihlelelwe iwindi leFifa likaSepthemba/Okthoba. Elandela lapho iyoba ngoNovemba.
Imidlalo yokuhlunga kubhekwe ukuthi isongwe ngoMashi 2027.
Angu-48 esewonke amazwe azodlala kweyokuhlunga. Angu-24 kuphela amaqembu azongena kulo mqhudelwano.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye yiwo azobe esengena kwi-Afcon.
Nokho, emaqoqweni anelinye lamazwe angosokhaya – okuyiKenya, iTanzania ne-Uganda – kuzophuma iqembu elilodwa kuphela.
Lokhu kusho ukuthi iBafana Bafana kuzomele iqede phezulu kuleli qoqo layo ukuze ingene kulo mqhudelwano.
Okuthatha amehlo wukuthi izohlangana neKenya eqeqeshwa nguBenni McCarthy wakuleli.
UMcCarthy kusenguye umgadli onamagoli amaningi kwiBafana futhi kubukeka kusekude ukuthi kube khona omficayo.
Okunye okugqamile wukuthi uMcCarthy ungomunye wabaqeqeshi okubhekwe ukuthi bathathe izintambi kwiBafana Bafana uma uBroos enquma ukuhoxa ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
