
IPirates iveza okwashiwo uMofokeng efunwa phesheya ngedlule
I-Orlando Pirates isivalelise ngokusemthethweni ku-Relebohile Mofokeng, iveza ukuthi wenqaba kanjani efunwa phesheya ngesizini edlule.
Lo mdlali wakhetha ukuhlehlisa ukufeza iphupho lakhe lokuya e-Europe ukuze aqale afeze isithembiso asenza kubalandeli beziMnyama.
UMofokeng waqala ukuheha amehlo ngo-2022 ngesikhathi efika ezoziqeqesha neqembu elikhulu eRand Stadium okokuqala.
Kusukela ngosuku lokuqala, abadlali abadala babona ukuthi babebhekene nethalente eliyivelakancane.
U-Rele Mofokeng wadlala okokuqala eqenjini elikhulu kwi-Orlando Pirates ngoMeyi ka-2023.
Kungakapheli sikhathi, wayesephenduke omunye wabadlali ababaluleke kakhulu eqenjini, elisiza ukunqoba iNedbank Cup neMTN8.
IPirates iveze ukuthi nakuba ebesefunwa amaqembu ase-Europe ngonyaka odlule, uMofokeng uqnume ukuhlala.
“Shemeni, angikhathazekile ngokuya phesheya okwamanje,” iPirates ithi washo kanje uMofokeng.
“Ngifuna ukwenza konke okusemandleni ami kule sizini, sizame ukunqoba iligi ukujabulisa le kilabhu nabalandeli bayo.
“Yikho kuphela engikucabangayo manje. Uma ithuba lokuya ephesheya liyofika ngemuva kwalokho, kuzobe kukuhle.
“Kodwa okwamanje ake ngenze konke engingakwenza ukujabulisa abalandeli bethu.”
IPirates ithi lo mdlali akagcinanga ngokusho lawo mazwi kuphela, kodwa wawagcina.
Ngemuva kokusiza iPirates inqobe isicoco seBetway Premiership, uRele Mofokeng useqalise isahluko esisha.
Usejoyine iqembu laseBelgium, iRoyale Union Saint-Gilloise njengoba eqala uhambo okubhekwe lugcine lumfake kumaqembu amakhulu e-Europe.
“Wenza isithembiso ngokuthula, ngendlela abantu abathembekile abenza ngayo. Wasigcina leso sithembiso,” kusho iPirates.
- FUNDA NALA | Ufike nesethembiso esikhulu uDa Cruz eNaturena
Manje uMofokeng uselibhekise e-Europe, kodwa ushiya e-Orlando eyiqhawe elizohlala likhunjulwa ngabalandeli.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
