
IKaizer Chiefs yiloli enomshayeli onoCode 8 – Baloyi
Ukuphuma kungazelelwe kweKaizer Chiefs kwiCaf Confederation Cup sekuqubule umsindo nokugxekwa yizingwazi zeqembu nabahlaziyi.
Owayengunozinti uBrian Baloyi ufanile leli qembu “neloli” elinomshayeli ongakwazi ukulishayela echaza ukwentuleka kwamacebo okukhona eNaturena.
IGlamour Boys ingene emdlalweni wangoMgqibelo neZamalek SC idinga ukudlala ngokulingana ukuze ifinyelele esigabeni somkhumulajezi.
Esikhundleni salokho, ukuhlulwa ngo 2-1 — kuhlangene nokunqoba kwe-Al Masry — kuyishiye incela izithupha lamaqembu ase-Egypt edlulela phambili.
ILOLI LIKA-CODE 14
Ekhuluma kwiSoccerBeat, uBaloyi uvele wakhwela wadilika, esola abaphathi beqembu ngokubeka ifa leqembu ezandleni zabaqeqeshi abangafanelekile.
“IKaizer Chiefs iyiloli elikhulu leCode 14,” kuchaza uBaloyi kule podcast.
“Awukwazi ke ukuthatha iloli leCode 14 ulinikeze umshayeli onelayisensi yeCode 8 kuphela.
“Ubeka izimpilo engcupheni. Engayisusa iloli, kodwa ngeke ukwazi ukulishayela lisuka eGoli lize lifike eKapa.
“Yilokhu okwenziwa yiqembu njengamanje,” kwengeza le nsizwa eyayibizwa ngelikaSpiderman ngezikhathi zayo.
UBUGWALA NOMA UKUNTULA IKHWALITHI?
UBaloyi uqhube wathi iChiefs “ayibanga naso isibindi” emdlalweni lapho iphuzu elilodwa belizoyiqophisa umlando.
- Umcacamezelo ka 1-0: UBaloyi uphawule ukuthi iChiefs ibilokhu ithembele ekunqobeni ngo 1-0 esigabeni samaqoqo.
Leli su, ngokusho kukaBaloyi, belingeke lisebenze uma bebhekene neqembu elisezingeni eliphezulu njengeZamalek. - Udonga olungaqinile: Ukudlaliswa kukaZitha Kwinika noGiven Msimango kuchazwe ngokuthi bekuntula ubuholi nokuxhumana.
Lokhu ikakhulukazi ekuhlulekeni kwabo ukubhekana namabhola asemoyeni negoli lokuvula ngesiwombe sesibili likaJuan Alvina. - Isimanga sikaPeterson: UBaloyi uphinde wangabaza inhloso kanozinti uBrandon Petersen — ovame ukwenza kahle muva nje.
Ubuze ukuthi kungani lo nozinti engazange azame nakancane ukuvimba egolini lesibili leZamalek, okuyilo elibaqede amandla.
NEBHENTSHI ALISIZANGA
Le ngwazi isale ikhungatheke ngokungakwazi ukwenza izinguquko kwabaqeqeshi ngesikhathi iZamalek isihamba phambili.
Iphakamise ukuthi ithimba labaqeqeshi ligejile ngokungafaki uMduduzi Shabalala onejubane, noma uMfundo Vilakazi onobuhlakazi bokuvula izikhala phambili.
Lokhu ukholwa ukuthi bekuzosiza iKaizer Chiefs ukuthi isebenzise isikhala ebesishiywa yiZamalek emuva uma iyohlasela.
“Kuzwakala njengethuba eligejiwe,” kwengeza uBaloyi. “Njengamanje sikhuluma ngezindebe.
“Kodwa asazi ukuthi singayisingatha kanjani ingcindezi uma sifika lapho indebe seyiphambi kwethu.”
FUNDA NALA | UMaseko ubhoboke ngezinsuku ezingu-662 ‘zetilongo’
Njengoba sekuphele amaphupho ngeNedbank Cup neConfed Cup, okuwukuphela kwento esele kwiKaizer Chiefs wukuzama ukuhlenga isizini yayo kwiBetway Premiership.
Futhi lokho kufanele kuqale uma seyidlala umdlalo onguwafa-wafa neStellenbosch FC ngoFebhuwari 24.
