
UMakhaula uphawula ngeDowns: obulele buvuswa ngomlilo
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMakhehlene Makhaula usephendule ngenkulumo yokuthi benza kahle ngoba iMamelodi Sundowns yehlelwe yifomu.
Ugcizelela ukuthi sesifikile isikhathi sokuqeda ukubusa kweSundowns kweminyaka eyisishiyagalombili ebholeni laseNingizimu Afrika.
Ubekhuluma ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu obhekwe ngabomvu ozoba seFNB Stadium – uqala ngo-7.30 ebusuku.
Lo makadebona oneminyaka engu-36 ubudala uvumile ukuthi lukhona ushintho kwiligi.
Ngokokuqala ngqa cishe eminyakeni eyishumi, amaBrazilians abukeka ebuthaka kule sizini.
Maje uMakhehlene Makhaula ukholwa ukuthi i-Orlando Pirates kumele kube yiyona eseenzisa lelo thuba.
IBHUBESI LILELE
ISundowns yenze kahle kakhulu ngesikjhathi izitholela indawo esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League ngempelasonto.
Kodwa-ke isimo sayo kwiBetway Premiership sisantengantenga ngendlela engakholakali.
Njengamanje isele ngemuva ngamaphuzu ayisithupha kwiPirates, nakuba inomdlalo esilele ngawo emuva.
“Yebo, abadlali kahle okwamanje kodwa akukhona ukuthi bayahlulwa, bebelokhu bewina,” kuphawula uMakhaula.
“Uma sebebuyelwe umgqigqo wabo, kuzoba nzima. Ngesikhathi besalele, thina kumele sivuke.”
BATHUSWA YIBHEJI YEDOWNS
Njengoba kuyiwa emdlalweni wangoLwesithathu, umfutho ukwiPirates esidlale imidlalo engu-14 ingahlulwa.
UMakhaula ukugcizelele ukuthi ukuvinjwa lombuso weSundowns akuwona umsebenzi wamaqembu aseSoweto kuphela.
Ukholwa ukuthi wonke amaqembu kusuka kwiRichards Bay kuya kwiPolokwane City kumele ayeke “ukwesaba ibheji” yeSundowns.
UKUSHINTSHA KWAMANDLA
Amaqembu amathathu amakhulu kuleli wonke njengamanje aphezulu kwilogi futhi asembangweni wesicoco.
Kodwa igebe elivame ukubona iSundowns ichomela izimbangi ngezithende, izihola phambili ngamaphuzu angu-10 kuya ku–15 ngoFebhuwari alikho kulokhu.
UMakhaula akazange akufihle ukukujabulela kwakhe ukujika kwesimo ngoba ubona ukuthi ukubusa kweSundowns bekwenza iligi ingajabulisi.
BUVUSWA NGOMLILO
“Uma bengavuka njengoba besalele nje, kuzoba nzima ngoba okwamanje abakawubambi umgqigqo wabo.
“Kufanele sisebenzise lelo thuba, hhayi iPirates nje kuphela, kodwa nawo wonke amanye amaqembu angu-15.”
Ukuphawula kukaMakhaula kwengeze ukushuba ngaphambi kwalo mdlalo oseFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
FUNDA NALA | UBaloyi ufanise iChiefs neloli elishayelwa ngoCode 8
Uma iPirates iwina, izonweba igebe libe ngelamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Lokhu kungafaka ingcindezi enkulu kwiSundowns esazama ukuthola “umgqigqo” wayo ngemuva kwenkathi kaRulani Mokwena.
Ngokufanayo, uma kunqoba iSundowns ingcindezi izobuyela kwiPirates okumanje kubhekwe idle lesi sicoco.
