EzintshaKaizer Chiefs

Nakhu okuthenjiswe uDa Cruz efika kwiKaizer Chiefs

Umqeqeshi omusha we-Kaizer Chiefs, uFernando Da Cruz usefikile ngokusemthethweni eNingizimu Afrika futhi usejoyine iqembu eNaturena.

UDa Cruz ufika neqholo elikhulu, njengoba echithe amasizini amabili edlule engumqondisi wezokuqeqesha kwiRoyal Moroccan Football Federation. 

Ekhuluma ngemuva kokufika kwakhe eNaturena, uDa Cruz uthe ujabule kakhulu ukuqala umsebenzi wakhe omusha.

“Ngijabule kakhulu ukuba lapha. IKaizer Chiefs ihlale inendawo ekhethekile enhliziyweni yami.

“Futhi bengilokhu ngilandela okwenzeka kuleli qembu eminyakeni emibili edlule,” kusho yena.

“IKaizer Chiefs yiqembu elikhulu elinomlando nabalandeli abashisekayo. 

“Okubalulekile kimi manje ukwakha ubudlelwano obuhle nabadlali, ngifake umoya wokunqoba futhi sisebenzisane ukuze sithole impumelelo efanele abalandeli bethu. 

“Uhambo oluzayo luzodinga ukusebenza kanzima nobumbano, kodwa ngiyaqiniseka ukuthi sizophumelela.”

Iqembu selivele lineviki lesibili lizilolonga ngaphambi kwesizini entsha.

Amaphini kaFernando Da Cruz kwi-Kaizer Chiefs abelokhu eqhubeka nomsebenzi ngesikhathi kulungiselelwa ukufika kwakhe.

Umqondisi kwiChiefs, uKaizer Motaung Jr, wamukele lo mqeqeshi omusha, ethi ukufika kwakhe kuvula isahluko esisha eqenjini.

“Sijabule ukwamukela umqeqeshi uDa Cruz kwiKaizer Chiefs,” kusho uMotaung Jr. 

“Sikholwa ukuthi uzoletha amandla amasha nombono ozosiza iqembu libuyele endleleni yempumelelo. 

“Ngokwesekwa ngabalandeli bethu nokuzinikela kwabadlali, sibheke isizini enhle.” 

UFernando Da Cruz usehlanganile nabo bonke abadlali nabasebenzi be-Kaizer Chiefs ngesikhathi efika eNaturena.

Manje sekulindeleke ukuthi aqale ngokugcwele umsebenzi wokulungiselela isizini entsha, lapho Amakhosi ezobe efuna ukubuyela ekunqobeni izicoco.