Ezintsha

BUKA: UMofokeng usezinzile eBelgium, uphendula abalandeli

U-Relebohile Mofokeng ubonakala esezinze kahle kwiRoyale Union Saint-Gilloise eBelgium. 

Iqembu limvumele ukuthi athathe ucingo lomphathi wezinkundla zokuxhumana ukuze aphendule abalandeli bakhe.

Abalandeli bakuleli bangene ezinkundleni zokuxhumana zaleli qembu bebuza ngenhlalo kaMofokeng kusukela efikile eqenjini.

Esikhundleni sokubaphendula ngokuveza izithombe zakhe, bavele bamnika ifoni bathi akangene ku-live azikhulumele nabalandeli. 

“Sanibonani bafethu, ningakhathazeki ngikhona lana,” kusho uMofokeng.

“Ngithathe ifoni yomphathi wezinkundla zokuxhumana ukuze ningibone. Ngiyabonga.”

Kube sekulandela imifanekiso ka-Relebohile Mofokeng esejimini nozakwabo abasha. Leli qembu likhempe eNetherlands. 

Lo mdlali oneminyaka engama-21 usuka e-Orlando Pirates kanti uthengwe ngemali elinganislwa ku-R56. 

Usayine inkontileka yeminyaka emine okusho ukuthi uzohlala kuleli qembu kuze kube ngu-2030.

UMofokeng usayine kuleli qembu esuka kwi-Orlando Pirates lapho ebeyiqhawe khona elisize ukunqoba izindebe ezintathu. 

Ubekhona nakwiBafana Bafana ebudlala kwiNdebe yoMhlaba ngaphambi kokuthuthela ngokusemthethweni eBelgium.

Amaqembu amaningi abemfuna kodwa wakhetha i-Union SG njengekhaya lakhe elisha. 

Manje njengoba eseqalile u-Relebohile Mofokeng ukujima eqenjini lkhe elisha, sekubhekwe ngabomvu ukumbona edlala kulo.