
IPirates iqale ngolwenkalankala kwiChampions League
Isiqalo se-Orlando Pirates kwiCAF Champions League sihambe ngonyawo lwenkalankala njengoba sivele sabheka eceleni, asangaya la besibhekwe khona.
Uhambo lwayo luqale ngendlela ekhathazayo njengoba amaBhakabhaka ebanjwe ngo-0-0 yiLa Cure Waves yaseMauritius emdlalweni wokuqala weFirst Preliminary Round eCôte d’Or National Sports Complex eSt Pierre.
IPirates ingene kulo mdlalo iyizintandokazi ezinkulu ngemuva kokunqoba imidlalo emihlanu ilandelana kuyo yonke imiqhudelwano ekhaya.
Kodwa-ke, iqembu lika-Abdeslam Ouaddou lihlulekile ukuthola indlela yokuvula udonga lweLa Cure Waves, naphezu kokuba linabadlali abanamava amaningi ezingeni lamazwe ngamazwe.
U-Ouaddou ubelishintshile iqembu aqale ngalo lo mdlalo, kanti unikeze umdlali osemncane uCristian Derbyshire ithuba lokuqala okokuqala eqenjini elikhulu.
Lo mphumela uzodumaza kakhulu amaBhakabhaka uma kubhekwa umehluko omkhulu phakathi kwamaqembu.
ILa Cure Waves ibidlala umdlalo wayo wokuqala ngqa emqhudelwaneni wase-Afrika, kanti i-Orlando Pirates inomlando omkhulu ezwenikazi.
Lo mlando uhlanganisa ukunqoba iCAF Champions League ngo-1995 nokufinyelela kowamanqamu ngo-2013.
AmaBhakabhaka aphinde abhekane nomlando ongemuhle eMauritius, njengoba abanjwa ngo-0-0 yiDisciples yaseMadagascar kule ndawo ngo-2024.
- FUNDA NALA | ISundowns isisheshe yaqeda nobengumdlali wePirates
Manje sekuzocaca emdlalweni wesibili e-Orlando Amstel Arean ngo-12 Septhemba, lapho u-Ouaddou nabadlali bakhe bezobe bengaphansi kwengcindezi enkulu yokuphothula lo msebenzi.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
