
I-Orlando Pirates nohlaka oluhlukile koweSundowns
I-Orlando Pirates izosebenzisa isikimu nesitayela nesitayela esihlukile kwesijwayelekile uma isibhekene neMamelodi Sundowns ngeSonto ntambama.
UJose Riveiro, ongumqeqeshi we-Orlando Pirates, useshintshe indlela ezihleleke ngayo ezakhe, wasebenzisa uhlelo lwe 4-4-2 esikhundleni se 4-3-3 ajwayele ukuyisebenzisa.
I-Orlando Pirates ibheke ukuthola amaphuzu abalulekile kulo mdlalo wayo wasekhaya kodwa oseFNB Stadium ukuze ingasali kakhulu emjahweni wesicoco.
Ukuhlulwa yiMamelodi Sundowns kungase kusho ukuthi umjaho wesicoco seBetway Premiership usuphelile kulezi zinkunzi zaseSoweto.
AmaBhakabhaka alandela aMasandawana ngamaphuzu angu-18, kodwa asenethemba ngokuthi asenemidlalo emine angakayidlali asalele ngayo emuva.
Lokhu kusho ukuthi uma eyinqoba yonke le midlalo esele, angase anqamule igebe lamaphuzu libe ngayisithupha nje kuphela.
Kodwa ukuhlulwa kwePirates kuzosho ukuthi noma iyinqoba yonke imidlalo yayo esemgodleni, isazolandela iSundowns ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Ngakho-ke, umdlalo wangeSonto kufanele awuwine uJose Riveiro neqembu lakhe futhi mhlawumbe yingakho ethathe indlela ehlukile.
U-Evidence Makgopa uyaqala ngaphambi kukaTshegofatso Mabasa futhi nguye ozohola ukuhlasela kanti uzobe elekelelwa uRelebohile Mofokeng njengabagadli ababili ngokohlaka lweBucs.
UThalente Mbatha ubuyile endaweni yakhe maphakathi nenkundla ngemuva kokumiswa kanti uzodlala noMakhehleni Makhaula.
UDeon Hotto no-Kabelo Dlamini bona bazokwengeza amandla uma kuhlaselwa njengoba besezimpikweni kwesokunxele nakwesokudla.
UMbekezeli Mbokazi, osedlale kahle selokhu eqalile ukudlala kuleli qembu, uthatha indawo ehlukile njengomdlali wasemuva kwesokunxele.
UNkosinathi Sibisi noTapelo Xoki yibo abazoba semuva maphakathi nenkundla bese uDeono Van Rooyen abe semuva kwesokudla, uSipho Chaine abe ngunozinti.
Ibophele kanje i-Orlando Pirates kulo mdlalo: (4-4-2) Chaine – Van Rooyen, Mbokazi, Xoki, Sibisi – Dlamini, Hotto, Makhaula, Mbatha – Mofokeng, Makgopa
Ebhentshini khona ime kanje: Buthelezi, Maela, Radiopane, Nkota, Mako, Shandu, Mosele, Mabasa, Ndlondlo
IMamelodi Sundowns yona ibophele kanje: (3-4-3) Williams – Mokoena, Suarez, Kekana – Mudau, Modiba, Allende, Ribeiro – Rayners, Ribeiro, Adams
Ebhentshini khona ime kanje: Onyango, Khoza, Morena, Lunga, Aubass, Maema, Lethlaku, Mathews, Sales
