
ISundowns isiphinde yaqinisa ngongalibheki ipali
- Intatheli yeLISENETHINI
IMamelodi Sundowns isezingxoxweni esezisezingeni eliphezulu nomgadli u-Iqraam Rayners ngemuva kokusebenzisa isigatshana esiphoqa ukuthi iStellenbosch FC imdedele.
I-Stellenbosch yaqale yanqaba izicelo eziningi ngoRayners ezivela emaqenjini aseNyakatho Afrika nakwiGulf Region, ihlose ukumgcina lo mdlali wayo ophambili.
Nokho, ngokombiko weSABC Sport, iSundowns isebenzise isigatshana esivumela ukuthi athengwe esikwinkontileka yakhe neStellies.
Lesi sigatshana sishiya iStellenbosch ingenayo enye indlela ngaphandle kokuvumela uRayners ukuthi axoxe neSundowns.
Imali yokumkhulula ekulesi sigatshana kuthiwa ingaphezu kuka-R10-million, yabekwa ngesikhathi uRayners ebuyela kwiStellenbosch ngoJanuwari nyakenye ebuya kwiSuperSport United.
Uma kwenzeka lesi sivumelwano siphothulwa, uRayners uzoba ngumdlali wesihlanu ukusayinwa yiSundowns kuleli windi.
Uzobe ejoyina u-Asekho Tiwani, uKegan Johannes, uKobamelo Kodisang no-Arthur Sales abasanda kufika kwiSundowns.
Ukuya kukaRayners kwiSundowns kuwubufakazi befomu yakhe enhle ngendlela emangazayo selokhu ebuyele kwiStellenbosch.
Indlela adlale ngayo imenze wangena esikwatini seBafana Bafana nakuba ephuthelwe yi-Africa Cup of Nations.
Nomklomelo weGolden Boot othathwe uTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates, umphuthe kancane uRayners.
ISundowns izimisele ngokuqeda ngenkontileka nalo mdlali ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha yeBetway Premiership ngenyanga ezayo.
OLUNYE UDABA:Â UMntambo uveza iqiniso ngokulwela iMTN8
Khonamanjalo, iStellenbosch izophinde ilahlekelwe ngomunye umdlali omqoka, njengoba ukaputeni uDeano van Rooyen ebheke kwi-Orlando Pirates.
