
UNabi ujike izinto kwikaizer Chiefs ebhekene neBay
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ushiye ngaphandle umgadli uRanga Chivaviro obenomdlalo omubi bebhekene neCape Town City phakathi nesonto.
URanga Chivaviro ushwebe amabhola amaningi kulo mdlalo. Kodwa elinakeke kakhulu alishwebe ngasekupheleni komdlalo ngemuva kokubekelwa kahle nguThabo “Induna” Cele.
Obekumele akwenze nje yena wukushaya ibhola futhi okungenani kube ngunozinti olivimbayo.
Kodwa uvele washaya into ebheke entalashishi, engenamandla nevinjwe kalula yisitobha seCity, okushiye abalandeli becasukile.
Amakhosi abedinga igoli kulo mdlalo ukuze athathe amaphuzu aphelele kodwa umdlalo wagcina uphele kungenagoli.
Ngemuva komdlalo uNasreddine Nabi ubedinwe egane unwabu futhi wakubeka kwacaca ukuthi abanye babadlali bakhe abekho ezingeni lokuthi bangadlalela iKaizer Chiefs.
Kumanje emdlalweni neRichards Bay ekuhambeni eThekwini, uNasreddine Nabi usemshiye ngaphandle uChivaviro, wabuyisa uWandile Duba eqenjini esikhundleni sakhe.
UDuba ubeqhuba kahle ngaphambi kokuthi alimale kwadingeka ukuthi ahlale amasonto ambalwa kodwa usebuyele eqenjini.
UNasreddine Nabi ulijikile kancane iqembu eliqale umdlalo weKaizer Chiefs neRichards Bay, kanti uSibongiseni “Ox” Mthethwa ungomunye wabaqalile.
Ungene endaweni kaNkosiphile Ngcobo eqenjini kanti uzohlangana noCele maphakathi nenkundla, uYusuf Maart no-Edson Castillo basebhentshini.
Lolu wushintsho olumangazayo njengoba uNgcobo ebukeke engumdlali oqavile ehambisana noCele emdlalweni odlule, okwenza iChiefs ihlasele ngendlela ehlukile.
IChiefs ibheke ukunqoba okweshumi kwiBetway Premiership ibhekene neqembu elingaqondakali kalula iRichards Bay eKing Zwelithini Stadium eMlazi.
Ibophele kanje iKaizer Chiefs kulo mdlalo: Bvuma – Solomons, Dove, Innacio, Msimang – Mthethwa – Lilepo, Mmodi, Cele, Shabalala – Du Preez.
