Ezintsha

URulani Mokwena usabisa ngokushiya kwiWydad uma ‘bemsola’ 

Lokhu ukusho ngemuva kokuthi ezakhe ziphinde zadlala ngokulingana, kulokhu zibambana ngo 1-1 ne-IR Tanger ngoMgqibelo. 

Lo somaqhinga waseNingizimu Afrika ugcizelele ukuthi ngeke ayilahle yena indlela yakhe yokudlala futhi uzimisele ngokuhoxa uma kungukuthi nguyena inkinga.

UThembinkosi Lorch, obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kuleli qembu laseMorocco, ushaye igoli lakhe lokuqala ngomzuzu ka-30.

Nokho ukhishiwe ngomzuzu ka-65, indawo yakhe yathathwa ngomunye umdlali waseNingizimu Afrika, uCassius Mailula. 

ULorch, okhishelwe imali ebalelwa ku-R9.89 million ngoJanuwari, ubeshaya igoli lakhe lokuqala emidlalweni eyisithupha.

Yize ingakahlulwa emidlalweni eyisishiyagalolunye yeligi, iWydad idlale ngokulingana emidlalweni emine yokugcina.

Lokhu kuyishiye ihlezi endaweni yesine kwiBotola Pro League ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-25. 

Isembangweni wokuthola indawo yokubuyela emiqhudelwaneni yeCaf kanti isilele emuva kwi-FAR Rabat ne-FUS Rabat enabo kulo mbango.

URulani Mokwena uthole ukugxekwa kule midlalo embalwa edlule, futhi usegcine ephendulile ngokuthi indlela yakhe adlala ngayo iyona eyinkinga. 

“Uma ungiletha kwiWydad, uletha isitayela sami sokudlala. Angisoze ngasishiya emuva. 

“Ngisebenze kanzima ukwakha, ukufunda, ukucubungula nokuhlonza okungisebenzelayo,” kusho uRulani Mokwena.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-38 ubudala usale eshaqekile, ebukeka ekhungathekile ngemuva komdlalo, uthi ukulungele ukushiya uma kunesidingo. 

“Uma kuyimi inkinga, ngizoba ngizoba ngeke ngingabaze ukucela ukuhamba kwami. Ngiyayithanda le kilabhu futhi angifuni ukuyibambezela iWydad,” kwengeza yena.

Phezu kwengcindezi, uTulani Mokwena usaqiniseka ukuthi amaqhinga akhe azoyikhipha imiphumela efanele ngokuhamba kwesikhathi. 

IWydad manje isibheke phambili ekuguquleni le miphumela yayo, iqale iqoqe amaphuzu ngokuthi inqobe imidlalo ukuze iqede emaqenjini amathathu aphezulu.