
IChiefs ibuyisa obebolekisiwe, imnika inkontileka entsha
I-Kaizer Chiefs isinikeze umdlali wasemuva uXolani Cossa inkontileka entsha yeminyaka emibili ngemuva kokugqama kwakhe ngesikhathi ebolekiswe eqenjini laseBotswana, iBlack Lions.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala usayine inkontileka ezomgcina eNaturena kuze kube uJuni ka-2028 ngemuva kokubuya nesizini enhle eBotswana.
UCossa uchithe isizini edlule ebolekiswe kwiBlack Lions, lapho agcina khona esengukaputeni weqembu.
Uphinde wazakhela igama njengomunye wabadlali basemuva abebedlala kahle kakhulu eBotswana.
Ukudlala kwakhe ngendlela encomekayo kudonse amehlo amaqembu afana neTS Galaxy, iKruger United neMilford FC.
Nokho, i-Kaizer Chiefs ithathe isinqumo sokumgcina njengoba iqhubeka nokwakha kabusha iqembu layo lesizini ka-2026/27.
Le nkontileka entsha iza ngesikhathi esibalulekile njengoba Amakhosi ezilungiselela isizini enzima ezobandakanya nokudlala kwiCaf Confederation Cup.
Umengameli weBlack Lions, uTendani Sebata, uke wancoma kakhulu umsebenzi kaCossa ngesikhathi eseqenjini lakhe.
“UXolani ubemuhle kakhulu kithi. Ubeyisibonelo kubo bonke abadlali futhi uyingcweti yangempela.
“Ube negalelo elikhulu kwiBlack Lions futhi ngikholwa ukuthi usazohamba ibanga elide ebholeni,” kusho uSebata.
Ngemuva kokuthola ulwazi olubalulekile ebholeni labadala nokuba ngukaputeni eBotswana, uCossa usebuyele eNaturena lapho esevele eqalile amalungiselelo esizini ngaphansi komqeqeshi omusha uFernando da Cruz.
- FUNDA NALA | Okwenze oweMsinga agabhe iBucs, aqome iStellies
Kulindeleke futhi ukuthi ahambe neqembu ohambweni lokuyolungiselela isizini e-Europe ngenyanga ezayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
