
OweKruger nesethembiso kwiChiefs ngomdlalo wokuvula isizini
Umqeqeshi we-Kruger United, u-Abram Mongoya, usekhiphe isethembisa esibheke kwi-Kaizer Chiefs ngaphambi komdlalo wabo weBetway Premiership.
Lo mdlalo okungowokuqala waleli qembu esigabeni esiphezulu uzoba seMbombela Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.
IKruger United ikhushulelwe kwiBetway Premiership kule sizini ngemuva kokuwina iMotsepe Foundation Championship.
“Kuyindlela enhle ukuqala isizini. Sakhe isikwati esihle futhi ngiyathembisa ukuthi sizoyinika umdlalo onzima iChuefs,” kusho uMongoya.
Ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa isizini entsha yeBetway Premiership eHoughton, eGoli ngoLwesithathu.
Umqeqeshi weChiefs, uFernando Da Cruz, uvumile ukuthi ngeke kube lula ukubhekana neqembu elisanda kukhushulelwa esigabeni esikhulu.
“Kuhlale kunzima ukudlala neqembu elisuka esigabeni esiphansi ngoba lifika lizethemba.
“Kodwa sizokwenza konke okusemandleni ethu ngoMgqibelo,” kusho uDa Cruz.
Uthe uyayazi ingcindezi ekhona kubalandeli beChiefs, kodwa uthi naye uzifakela eyakhe ingcindezi ukuze iqembu liqale kahle isizini.
- FUNDA NALA | UNdlovu nokumjabulisa ngokujoyina iDowns
Uma i-Kruger United ingakwazi ukushaya i-Kaizer Chiefs kulo mdlalo wokuqala, kungaba yinto ezoyisiza kakhulu ukunyusa ukuzethemba.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
