EzintshaMamelodi Sundowns

UNdlovu udalula okumjabulisa ngokudlala noZwane kwiDowns

Umdlali omusha weMamelodi Sundowns, u-Siyanda Ndlovu, useveze ukuthi ukaputeni weqembu u-Themba Zwane uyena omkhuthazayo ebholeni.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 uthe waqala ukufunda indlela kaZwane adlala ngayo ngesikhathi ngenxa yomqeqeshi uManqoba Mngqithi.

Uthi lo mqeqeshi wamshintsha, wamsusa ophondweni wamdlali maphakathi nenkundla ngemuva komgadli ngesikhathi bekwiGolden Arrows.

“Ngambuka kakhulu uZwane. Ngacabanga ngoMshishi ngoba wenza kahle kakhulu kule ndawo engidlala kuyo, futhi ngimbheka njengomuntu ongikhuthazayo,” kusho uNdlovu.

Ekhuluma kwiPitchside Podcast yeSundowns, uNdlovu uthe ufuna ukukhula njengomdlali futhi awine izindebe eziningi neqembu.

“Ngifuna ukukhula kakhulu njengomdlali futhi nginqobe izicoco eziningi kwiSundowns. Kuningi engingakuzuza lapha,” kusho yena.

Uthe uzosebenza kanzima ukuze asize iqembu, hhayi ukuba yingxenye yesikwati kuphela kodwa afake isandla empumelelweni yalo.

U-Siyanda Ndlovu uveze nokuthi esinye sezizathu esimhehele kwiSundowns yithuba lokuncintisana nabanye babadlali abasezingeni eliphezulu.

“Bengihlale ngifisa ukuncintisana nabadlali abanolwazi oluningi,” kuqhuba yena. 

“Yingakho bengifuna ukuza kwiSundowns, lapho izinga lomncintiswano liphezulu khona. 

Ngifuna ukulwa ngithole indawo yami eqenjini.”

Njengoba u-Siyanda Ndlovu esedlala neqhawe lakhe u-Themba Zwane eqenini elilodwa, usezokwazu ukufunda lukhulu kuye nsukuzonke.