EzintshaKaizer ChiefsMamelodi Sundowns

IChiefs ibuyela esicongweni, iPirates ikhubekile

I-Kaizer Chiefs isibuyele phezulu kwiBetway Premiership ngemuva kokushaya iSekhukhune United ngo-2-0, ngesikhathi i-Orlando Pirates ibanjwa ngo-1-1 AmaZulu FC.

Amakhosi enze kahle kakhulu emdlalweni obuseFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Akhe amathuba amaningi futhi agcine ethole amagoli amabili abalulekile. ULuke Baartman uvule igoli ngomzuzu ka-63.

UMduduzi Shabalala wabe esevala umdlalo ngomzuzu wokugcina, washaya igoli lesibili sekusele imizuzu emibili.

Lokhu kwenza i-Kaizer Chiefs ibe namaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili.

Ngakolunye uhlangothi, i-Orlando Pirates ilahle amaphuzu amabili eKings Park Stadium.

IBuccaneers ibiphethe umdlalo isikhathi esiningi ibhekene naMaZulu.

Nokho, yehlulekile ukusebenzisa amathuba ewakhile.

UYanela Mbuthuma ube nezinye zezikhathi ezinhle, kodwa imizamo yakhe yehluleka ukuphelela enethini.

IPirates ishaye igoli lokuqala ekuqaleni kwesiwombe sokuqala ngoTsepang Moremi. AmaZulu ibuyile ngaphambi kwekhefu.

UThando Ngwenya ushaye iphenathi ngemuva kokuthi uKamogelo Sebelebele ewise umdlali weSuthu ngaphakathi ebhokisini.

Umdlalo uphele ngo-1-1. Lokhu kusho ukuthi i-Olando Pirates ilahle amaphuzu abalulekile, ngesikhathi i-Kaizer Chiefs isebenzisa leli thuba yabuyela esicongweni.