
UNamhla Mphelo uyazilwela ngokuxoshelwa ‘ubala’ kwiSafa
Owayeyisikhulu sezindaba kwiSafa uNamhla Mphelo uziphikile izinsolo zokuthi waputshuza imininingwane ebucayi ngeemali eyakhokhelwa umengameli wale nhlangano uDanny Jordaan.
UNamhla Mphelo waxoshwa ngemuva kweminyaka engu-11 esebenza kwiSafa ngezinsolo zokungena nokukkhipha ulwazi oluyimfihlo.
Manje usethathele iSafa izinyathelo zomthetho, wafaka icala kwiCommission for Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA).
UMphelo ugcizelela ukuthi ukuxoshwa kwakhe bekungafanele futhi ufuna ukubuyiselwa emsebenzini wakhe.
Uxoshwe ngo-Ephreli 7 kulo nyaka. Wamiswa ngoFebhuwari ngezinsolo zokuputshuza imininingwane mayelana nenkokhelo ka-R10 million eyaya kuJordaan.
Le nkokhelo kubikwa ukuthi yayingagunyaziwe yiNational Executive Committee (NEC) yeSafa.
UMphelo uyavuma ukuthi wangena kwisistimu, kodwa uyaphika ukuthi wakwenza lokho ngokungekho emthethweni noma wabe esekhipha ulwazi alubona kuyo.
“Ngangingumphathi weqembu ngaleso sikhathi futhi nganginelungelo lokungena kwisistimu,” kusho le ntokazi kwiMarawa Sports Worldwide.
Ugcizelela ukuthi izithombe ezinalolu lwazi ezagcina ziphumela ngaphandle zazingathathwanga nguye.
“Ngikholwa ukuthi umengameli wacikwa ukubona ulwazi olwalusatshalaliswa ethimbeni ngeWhatsApp,” kuqhuba yena.
UNamhla Mphelo uthi ukulalelwa kwecala lakhe akuzange kuhanjiswe ngendlela efanele njengoba enganikwanga ulwazi ayeludinga ngenqubomgomo.
Wayecele idokhethi elinezinqubomgomo zangaphakathi nemihlahlandlela yokuxhumana kodwa akazange ayinikwe.
ISafa izichithile lezi zinsolo zakhe, ithi zingamanga ahlose ukudicilela phansi igama lale nhlangano.
Usoseshini uthi uNamhla Mphelo wangena kwisistimu yayo ngokungemthetho wabe esehlanekezela ulwazi alubona.
Imsola ngokuthi waputshuza lolu lwazi kubantu abangahlangene nalo okwangcolisa igama likaJordaan.
“Umbiko oputshuziwe uhlanganisa izinkokhelo ezenziwa kumengameli kusukela ngo-2007,” isitatimende seSafa sisho kanje.
Yengeza ngokuthi imisebenzi kaJordaan kusukela ngaleso sikhathi ihlanganisa ukuba yisikhulu esiphezulu seSafa, ukwengamela uhlelo lesicelo seNdebe yoMhlaba ka-2010, nokusebenza kuyo le Ndebe yoMhlaba.
Izinkokhelo ezisohlwini zifaka izibonelelo zemihlangano nemihlomulo yamalungu e-NEC eminyakeni engu-13.
Icala likaMphelo kwiCCMA lizoqulwa ngoMeyi 20. Umphumela walo ungase ucacise ukuthi uyabuyela yini emsebenzini wakhe kwiSafa.
