EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uyamethemba uMandla Ncikazi ukuhola iPirates

UMandla Ncikazi nguye ozocija i-Orlando Pirates kuze kuphele isizini kulandela ukuhamba kukaRiveiro.

URiveiro unikezwe imvume ekhethekile yokushiya iPirates ngaphambi kokuphela kwesizini. 

Lokhu kushiye uMandla Ncikazi noRayaan Jacobs ukuhola leli qembu emidlalweni emine yokugcina yesizini. 

Sekuqinisekisiwe ukuthi iPirates izoqeda endaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns noma inaghlulwa kuyo yonke imidlalo yayo esele.

Kodwa uRiveiro ukholwa ukuthi ngeke kube noshintsho olukhulu njengoba uNcikazi ubeyingxenye yethimba losomaqhinga futhi uyaqonda ukuthi zenziwa kanjani izinto.

“Bayazi ukuthi kumele benzeni. Lapha sikhuluma ngabantu abanolwazi olukhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. 

“Njengoba sineminyaka emithathu sindawonye lapha, sinendlela ecacile yokwenza izinto ngokulandela uhlaka lwethu lokudlala. 

“Ngeke kube nezinguquko ezinkulu emidlalweni emine ezayo,” kusho uRiveiro esithangamii sakhe sokugcina nabezindaba. 

“Bazana kahle kakhulu. Abadlali nabo babazi kahle kakhulu. Babazi kangcono abadlali kunanoma ubani omunye… 

“Ngakho ngicabanga ukuthi kuzoqhutshekwa nje kahle kuze kuphele isizini.”

URiveiro uphinde wathi usazotholakala ukuthi abasize uma bedinga imibono yakhe yize engasekho eqenjini.

“Bayazi ukuthi ngizoba khona kunoma yini abayidingayo,” kwengeza lo mqeqeshi waseSpain. 

“Ngakho-ke, ngokubambisana sizokwazi ukuphothula isizini futhi singangabazi nhlobo ukuthi kuzoba yinyanga enhle eqenjini.” 

URiveiro kulindeleke ukuthi ethulwe njengomqeqeshi omusha we-Al Ahly lapho umsebenzi wakhe wokuqala kuwukulungiselela iqembu iFifa Club World Cup. 

IPirates yona izokwamukela iTS Galaxy e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama emdlalweni ozoba ngowokuqala kaMandla Ncikazi njengomqeqeshi.