
‘Izobe izilimaze yona iKaizer Chiefs uma ichitha uNabi’
Kunamaqembu aconsa amathe alindele ukubona ukuthi iKaizer Chiefs iphuma naliphi ngomqeqeshi uNasreddine Nabi.
Ikusasa lalo mqeqeshi waseTunisia kuMakhosi aliqinisekile njengoba ibhodi leqembu kubikwa ukuthi alineme.
Kuthiwa ibhodi elengamele iChiefs aliyiboni kahle inqubekela phambili yeqembu ngaphansi kunaNabi.
Empeleni nje, kubikwa ukuthi selivele lisithathile isinqumo sokuthi uNasreddine Nabi ngeke aqhubeke kwiKaizer Chiefs ngale kwale sizini.
Kodwa manje sekuvele ukuthi uma lokho kwenzeka, uNabi ngeke ashode ngeqembu azosebenza kulo njengoba ezosuka eNaturena aye ngqo kwelinye.
Yize enqobe iNedbank Cup ngempelasonto edlule, uNasreddine Nabi kuthiwa akazange akufeze abebekelwe khona kwiKaizer Chiefs.
Ubebekelwe aqede emaqenjini amathathu aphezulu kwilogi yeBetway Premiership, okuyinto engeke yenzeke.
Empeleni nje, Amakhosi alwela ukuqeda esemaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi nakule sizini.
Omunye umsebenzi abebekelwe wona owokuthi akhe iqembu eliqinile nelinendlela ebonakalayo elidlala ngayo, nakho okungazange kwenzeke.
Amahlebezi okuthi lo mqeqeshi oke wasebenza kwiYoung Africans eTanzania angase ashiye kuMakhosi ayaqina.
Umqondisi kwiChiefs, uKaizer Motaung Jr akakwazanga ukuphuma nempendulo eqondile ngesikhathi ebuzwa ngekusasa likaNabi ekuqaleni kwaleli sonto.
Uthe ibhodi nabaphathi kuzomele bahlale phansi babuyekeze ukusebenza kwakhe bese bethatha isinqumo sokuthi kumele ahlale noma ahambe.
Kodwa manje iKickOff ibika ukuthi uma iKaizer Chiefs imdedela uNasreddine Nabi kobe igcagcele esokeni emaqenjini amhalelayo.
Elinye lalawo maqembu yiWydad Athletic esanda kuhlukana noRulani Mokwena ngemuva kwesizini eyodwa ekuyo.
“Uyabona uma uNabi eshiya manje kwiChiefs, kusasa uzosayina inkontileka enkulu nelinye iqembu elikhulu.
“Angazi ke ukuthi ubani ozobe elahlekelwe kulokho, iChiefs noma uNabi?,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko.
Lo mbiko uveze ukuthi lo mthombo wawo ungumqeqeshi nawo yize kungavezwanga ukuthi usebenza kuliphi iqembu njengamanje
“Maningi amaqembu amfunayo. Bekusewunyaka wakhe wokuqqala lona ekhona kwiChiefs.
“Akazange aqale nabo ngesikhathi kulungiselelwa isizini. Wenze konke okusemandleni akhe. Ungumqeqeshi omuhle kakhulu.”
Lo mthombo uphinde waveza ukuthi uNabi akanawo umlingo futhi ubengeke akwazi ukwenza izimbongolo zinqobe emjahweni wamahhashi.
“Ngabe iChiefs inoRonaldo noMessi eqenjini layo? Sekunesikhathi eside yagcina ukunqoba indebe, ungakukhohlwa lokho.
“Ubesaqala ukwakha iqembu unohlelo oluhle oluqhubekayo,” kwengeza lo mthombo.
