
U-Okon uxwayisa iCanada ngaphambi ‘kwempi’ neBafana
Umdlali wasemuva weBafana Bafana u-Ime Okon usethumele isexwayiso kwiCanada, ethi ingalinge iyizele ngobuso i-Bafana Bafana.
Uthi izodlala ngomfutho ofanayo oyisize yanqoba kwiSouth Korea ngesikhathi uma la maqembu esebhekane emdlalweni womkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba ngeSonto.
Lo mdlali osemncane uthe isifiso sokunqoba nokulwelana kubadlali yikho okumele kuphinde kuvelele uma befuna ukuqopha omunye umlando ngokungena kuRound of 16.
IBafana iqophe umlando ngokudlulela okokuqala ngqa esigabeni somkhumulajezi ngemuva kokunqoba iSouth Korea ngo 1-0.
Nakuba igoli libe lilodwa, abafana bakaHugo Broos babewuphethe umdlalo isikhathi esiningi futhi bakha namathuba amaningi acacile okushaya amagoli.
Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo obalulekile we-Bafana Bafana, u-Ime Okon uncome indlela iqembu elalwa ngayo.
“Wonke umuntu udlale ngenhliziyo walwela ukunqoba sibambisene,” kusho lesi sitobha seHannover 96.
“Awukwazi ngisho ukusho ukuthi kukhona ongazange enze okwanele ngoba sonke besilwelana enkundleni.”
Ngomdlalo neCanada oseLos Angeles, u-Okon uveze ukuthi sebeqalile ukuyihlaziya indlela edlala ngayo.
“Seyiyihlaziyile iCanada. Siyazi ukuthi iyiqembu elidlala ngolaka, elicindezela kakhulu futhi elikuhlasela ngokushesha.
“Kodwa nathi sizobe sesikulungele ukubhekana nayo,” kuqhuba lo mdlali onomama waseNingizimu Afrika nobaba waseNigeria.
- FUNDA NALA | Selivuliwe isango kuMorris eNaturena
I-Bafana Bafana izobhekana neCanada ngeSonto ebusuku ibheke ukungena kuRound of 16 kanti amazwi ka-Ime Okon akhombisa ukuzethemba kweqembu.
Akwenza kucace ukuthi abadlali bakholwa wukuthi uhambo lwabo olumangalisayo kwiNdebe yoMhlaba alukakezukuphela manje.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
