Ezintsha

UJosé Riveiro ubhoboka ngokumehlele e-Egypt

 UJosé Riveiro ushiye i-Orlando Pirates waya kwi-Al Ahly yase-Egypt, kodwa wahlala isikhashana njengoba exoshwe ngemuva kwemidlalo embalwa.

Kuleli sonto, uphinde wenqaba elinye iqembu laseNyakatho Afrika, i-ES Sétif yase-Algeria, ebelifuna ukumqasha ngoba akakelulami kokumehlele e-Egypt.

Ekhuluma ngokukhethekile neLisenethini, lo somaqhinga waseSpain uthe okwamanje usathathe ikhefu ekuqeqesheni njengoba esaphumule ekhaya eSpain.

“Njengamanje, ngisaziphumulele la ekhaya eSpain njengoba ngisathathe ikhefu ekuqeqesheni,” kusho uRiveiro.

UJosé Riveiro uvumile ukuthi uke wathintwa yi-ES Sétif kodwa wakhetha ukuyichitha njengoba engakakulungeli ukubuyela emsebenzini.

“Iqembu lase-Algeria belingifuna, kodwa ngenqaba ukuthatha umsebenzi walo ngoba ngisafuna ukuqonda kahle ibhola laseNyakatho nelaseMpumalanga Afrika.

“Akufani nhlobo nakwiBetway Premiership (yaseNIngizimu Afrika),” kuchaza lo mqeqeshi oneminyaka engu-48 ubudala.

Uphinde wachaza okumehlele e-Egypt la bekubhekwe abe nempumelelo enkulu ne-Al Ahly, kodwa izinto zasheshe zabhimba.

“Indlela engaphathwa kabi ngayo e-Egypt ingikhulisile, yangifunsia okuningii ngebhola,” kuqhuba lo mqeqeshi. 

“Abaphathi be-Al Ahly baphazamise umsebenzi wami futhi bebengiyalela ukuthi yibaphi abadlali okufanele ngibasebenzise. 

“Kodwa kuthe lapho imiphumela ingasahambi kahle, bakhomba mina ukuthi ngiyahluleka base bengixosha.”

URiveiro uthe lokhu omumenze e-Egypt kushiye isibazi kuye, esizomenza aqaphele ngokwamukela umsebenzi wokuqeqesha enhla ne-Afrika.

“Ngashiya nginganelisekile ngendlela abangiphatha ngayo, futhi nanamuhla, yingakho ngimanqikanqika ukuthatha umsebenzi eNyakatho noma eMpumalanga Afrika.”

Naphezu kwesimo esinzima, uJosé Riveiro unezinkumbulo ezinhle ngesikhathi sakhe kwi-Orlando Pirates.

Uncome ubuholi beqembu nabalandeli ngokwenza ukuhlala kwakhe eNingizimu Afrika kube kuhle.

“Ngisebenze kahle eNingizimu Afrika nosihlalo u-Irvin Khoza, izingane zakhe uMpumi noNkosana, uMandla Ncikazi, abadlali nabalandeli,” kuphetha yena.