EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uveza akubheke kuMbekezeli Mbokazi kwiPirates

U-Ouaddou uphakamise ukuthi uMbekezelo Mbokazi uzoba ngomunye wabaholi kuleli qembu ngesizini ezayo, ngenhloso yokuthi agcine ebe ngukaputeni. 

UMbokazi uwudlale wonke umdlalo i-Orlando Pirates idlala ngokulingana ngo 1-1 nompetha baseCyprus iPafos Fc eMarbella Sports Centre, eSpain ngeSonto. 

IPafos isheshe yazihola phambili kulo mdlalo ngegoli likaJoão Correia yize bekuyiPirates ebiphethe umdlalo. 

Nokho ayizange ihambe phambili isikhathi eside njengoba uRelebohile Mofokeng eshaye elokulinganisa.

Lo mdlali wasophikweni uphaselwe elihle ibhola – elicwenge izitobha zePafos – u-Oswin Appolis.

Ujike isitobha ebesiseduze kwakhe wabe eselishaya ngobuchule ngesinxele, layogaxela enethini. 

U-Ouaddou wenze izinguquko esiwombeni sesibili, kwathi uNkosinathi Sibisi waphuma indawo yakhe yathathwa uLebone Seema, uMbekezeli Mbokazi wathatha ibhande lobukaputeni.

“UMbokazi ungomunye wabadlali abakhulu eqenjini. UngowaseNingizimu Afrika, uyaziqhenya ngakwenzayo eqenjini – futhi nathi siyaziqhenya ngaye,” kusho umqeqeshi ngemuva komdlalo. 

“Kuyinto efanele ukuthi simnike isikhundla sokuba ukaputeni. Lesi yisinyathelo esibheke phambili.

“Sifuna ukumnika isikhathi esengeziwe sokudlala ngoba uzoba ngomunye wabadlali abamqoka kule sizini ezayo.

“Futhi yingakho simnike umthwalo wokuhola futhi ubonise ubuholi obuhle kakhulu. 

“Ube nomdlalo omuhle, manje usedinga ukuqhubeka kanjalo. Ubemuhle kakhulu,” kwengeza u-Ouaddou. 

UMbokazi ube nesizini emangalisayo ngemuva kokukhushulelwa eqenjini leDStv Diski ngesikhathi i-Orlando Pirates inenkinga yokulimala wabadlali basemuva.

Washeshe wajwayela futhi wakha ubudlelwano obuhle noSibisi enkabeni yodonga lwasemuva, wagcina eseyisethenjwa nabalandeli abafungayo ngaso. 

Ukwenza kahle kwakhe kuphinde kwadonsa amehlo omqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos owambiza eqenjini lakhe ekhempini yokugcina ngoJuni.

Manje sekuyacaca ukuthi uMbekezeli Mbokazi ubonwa eya kude nebhola lakhe futhi uzoba ngomunye wabadlali abayizethenjwa ngaphansi kuka-Ouaddou.