
UKekana uhlaba ‘eyokudelela’ imbangi kukaShabalala weChiefs
Ingwazi yebhola lakuleli, uHlompho Kekana isifiphaze sitayela esijatshulelwe ngabalandeli esenziwe yisihlabani seKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala.
Lo mdlali osemncane ushaye isitayela, eguqa phezu kwebhola ngamadolo ngesikhathi iChiefs ibihamba phambili ngo 3-0 ibhekene ne-AS Simba kwiCaf Confederation Cup ngempelasonto.
Ikhuluma kwiSoccerZone lapho esengumhlaziyi khona, le nsizwa eyayingukaputeni weMamelodi Sundowns ixwayise ngokuthi lento ayenzile uShabalala akukhona nje ukudelela kuphela, kodwa iyingozi.
Lesi sigameko okukhulunywa ngaso sibone abadlali beChiefs, ikakhulukazi uMduduzi Shabalala bekhombisa ikhono lomjiko ngokweqile, begxumagxima nebhola kungenasidingo.
Yize umjiko uyingxenye yebhola eNingizimu Afrika, uKekana udwebe umugqa oqinile phakathi kokukwenza ngendlela efanele nokudelela imbangi.
“Hlonipha imbangi yakho ngaso sonke isikhathi ngoba uma bekwenza lokho kuwe futhi uhlulwa, uzothatha ngenhliziyo bese uthola ikhadi elibomvu,” kusho uKekana.
“Leyo yinto engingayivuni njengomdlali webhola lezinyawo ngoba ngiyazi ukuthi kusho ukuthini uma uhlulwa emdlalweni bese abantu beqala ukuchoma ngale ndlela.”
FUNDA NALA | Ithuba lokugeza igama kuMbuthuma
UKekana uthe lokhu kukhoma yinto eyenziwa emidlalweni yama-amesha emalokhishini, futhi ayidingeki ebholeni elikhokhelayo.
