
I-Orlando Pirates igcine iliqedile ishobolo leCarling KO!
Izinkunzi zezindebe ebholeni laseNingizimu Afrika – i-Orlando Pirates – seziphinde zakwenza lokho!
I-Orlando Pirates igcine ikwazile ukwenza kahle kwiCarling Knockout Cup — idlulela kweyandulela owamanqamu okokuqala ngqa selokhu lo mqhudelwano wethulwa kabusha eminyakeni emibili edlule.
Ngemuva kokuphuma kabili ngomzuliswano wokuqala, amaBhakabhaka enze kahle ngoLwesibili ebusuku, ehlula iMagesi FC ngo 2-1 emdlalweni obunzima obuse-Orlando Stadium.
IPirates idlale kahle zisuka futhi yakha inqwaba yamathuba kodwa yahluleka ukuwasebenzisa ukuthola amagoli.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto — ezizenzelayo emiqhudelwaneni yomkhumulajezi muva nje — zibonise ukuqina, ukubekezela, nokukhalipha lapho kubaluleke kakhulu.
UTshepang Moremi nguye oyibeke phambili ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, ededela ishodi esonqenqemeni lwebhokisi leMagesi, walizw angendaba u-Elvis Chipezeze.
U-Evidence Makgopa, obesanda kungena esuka ebhentshini, ube eseshaya elesibili eliqinisekise ukuthi eziMnyama ziyadlula.
FUNDA NALA | Inkakha isola uMdu Shabalala weChiefs
Kodwa ke ibuye yahuqa ubuthongo emuva, yadedela iMagesi ukuthi ithiole igoli lokubika ekhaya. Noma kunjalo, umsebenzi bese wenziwe.
I-Orlando Pirates iyaqhubeka, ijoyina iRichards Bay neGolden Arrows kweyandulela owamanqamu kanti elizothatha indawo yesine lizocaca ngoLwesithathu.
