
BUKA: ElaseBelgium seliqalile ukuchoma ngoMofokeng
Iqembu laseBelgium, iRoyale Union Saint-Gilloise, seliveze inombolo yejezi ezogqokwa u-Relebohile Mofokeng njengoba eqala isahluko esisha somsebenzi wakhe ephesheya kwezilwandle.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 uzogqoka unombolo 38, okuyiwona owamdumisa ngesikhathi edlalela i-Orlando Pirates.
Le nombolo isiphenduke uphawu lukaMofokeng, njengoba egqame ngayo eminyakeni emibili edlule kwiBetway Premiership.
Iqembu laseBelgium liphinde lathumela umlayezo ezinkundleni zokuxhumana, ligabisela abalandeli balo – ikakhulukazi abakuleli – ngalo mdlali.
“Ingabe benizele lokhu Ningizimu Afrika?” kubhala iRoyale Union Saint-Gilloise, iveza ijezi elinenombolo 38.
Lokhu kuza ngemuva kokuba i-Orlando Pirates iqinisekise ukuthi isifinyelele esivumelwaneni neqembu laseBelgium ngokudayisa lo mdlali.
Kulindeleke ukuthi iRoyale Union Saint-Gilloise imemezele u-Relebohile Mofokeng ngokusemthethweni njengomdlali wayo omusha ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
Lokhu kuzokwenzeka uma sekuphothulwe konke ngenkontileka yakhe kuleli qembu lakhe elisha.
- FUNDA NALA | Kucaciswa eyokungabuyi kuka-Appollis neBafana
Abalandeli sebezobe bebheke ngabomvu ukubona ukuthi lo mdlali uzoqhubeka yini nokukhombisa ikhono lakhe elamfake ohlwini lwabadlali abasebancane abahlonishwa kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
Buka nansi ividiyo ngezansi:
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
