EzintshaOrlando Pirates

UNcikazi ubona okuhle kwiPirates yize o‘ciche’ bebaningi

Yize i-Orlnado Pirates iqede isizini ngenothi eliphansi, uMandla Ncikazi uthi ziningi izinto ezinhle ezivelile.

I-Orlando Pirates ivale isizini ibambana ngo 1-1 neMagesi FC ngoLwesithathu ebusuku e-Orlando Stadium.

Iqede inamaphuzu angu-61, okuyisibalo esiphezulu samaphuzu eyake yawaqoqa ngesizini eyodwa emlandweni wayo kwiPremier Soccer League. 

Kodwa-ke, isimo besingesihle kwazise leli qembu libe nocishe abaningi kule sizini. 

AmaBhakabhaka ahluleke kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League, eguqiswa yiPyramids. 

Iphinde yacishe nakwiNedbank Cup, ihlulwa yizimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs kowamanqamu. 

Ngaphezu kwalokho, ishiywe umqeqeshi uJose Riveiro obesehlale amasizini amathathu futhi wanqoba izindebe ezinhlanu.

UMandla Ncikazi, ekhuluma ngemuva komdlalo wokugcina, uveze ithemba lokuthi izinto zizoba ngcono ngesizini ezayo. 

“Bekungaba kuhle ukuqeda ngokunqoba sisekhaya,” usho kanje lo mqeqeshi osenesikhathi ekwiPirates. 

“Kodwa kunokuningi okufanele sikubheke okuhle kunokubi. Sifinyelele kowandulela owamanqamu kwiChampions League. 

“Kusale kancane nje ukuthi sigene kowamanqamu — esasingagcina mhlawumbe siwunqoba wona.”

Ncikazi: I-Pirates yethule ithalente elisha

Uphinde wagqamisa ukwethulwa kwabadlali abasebancane eqenjini elikhulu, ayi yisisekelo esihle kakhulu. 

“Alikho iqembu elethule abadlali abasebancane abaningi njengoba senzile. Lokho kuhle kakhulu. 

“Abadlali abafana noSimphiwe Selepe… ubengumfana oqoqa amabhola ezinyangeni ezintathu ezidlule, manje usengene eqenjini lesizwe,” kuphawula uNcikazi.

Lo mqeqeshi uncome ukujula nokukhula kweqembu, wathi i-Orlando Pirates isendleleni efanele. 

“Sidinga ukucubungula kahle. Sibheke ukuthi yini engahambanga kahle, ukuthi singathuthuka kuphi, futhi senze kahle kuphi? 

“Uma lokho sekwenziwe, sizothola izixazululo,” kwengeza le nsizwa eyayingumqeqeshi weGolden Arrows phambilini.

UNcikazi ukholwa ukuthi abaphathi beqembu bazokwenza okufanele ngesikhathi kuvalwe isizini ukuqinisa lapho kuxega khona. 

“Ngiyabethemba ubuchule obusehhovisi lethu. IPirates izothuthuka kakhulu,” kuqhuba yena.

Njengoba kulindeleke ukuhlelwa kabusha kwethimba labaqeqeshi nabadlali abasha, uNcikazi uthi iqembu selikulungele ukuphusha ngamandla ngesizini entsha.

“Kufanele sikhule ukusuka lapha futhi sibe ngcono kakhulu,” kuphetha uNcikazi.