
Kucaciswa eyokungabonakali kuka-Appollis kubuya iBafana
Umdlali wasophondweni we-Orlando Pirates noBafana Bafana, u-Oswin Appollis, akabuyanga neqembu ngemuva kokukhishwa kwalo kwiNdebe yoMhlaba.
IBafana itheleke kuleli ngoLwesine ekuseni, kanti u-Appollis noRelebohile Mofokeng bebengekho eqenjini.
UMofokeng yena bekuvele kubikiwe ukuthi uzosuka e-US aye eBelgium la kulindeleke aqedele khona ukusayina neRoyale Union Saint-Gilloise.
Ukungabi khona kuka-Appollis khona kususe ukuqagela, kodwa manje iSoccerBeat isiveze ukuthi isizathu sokungabuyi kwakhe kungoba unqume ukuhlaba ikhefu khona izinsukwana.
Ukubuya kweBafana kwenzeke ngemuva kokuba umkhankaso wayo uphele emzuliswaneni ka-32, lapho ihlulwe khona yiCanada.
U-Oswin Appollis ubengomunye wabadlali abagqame kakhulu kule midlalo, wenza umsebenzi omuhle futhi waheha amehlo amaqembu aphesheya kwezilwandle.
Ukuhlala kwakhe e-US kuza ngesikhathi kuqhubeka imibiko yokuthi amaqembu ase-Europe afuna ukumsayina.
Kuke kwavela imibiko ethi iFC Porto yasePortugal isivele ikhombise intshisekelo enkulu ngaye futhi seyike yaxhumana nePirates ngaye.
Yize engabuyanga neqembu, akukho okukhomba ukuthi kunenkinga phakathi kwakhe neBafana Bafana noma ne-Orlando Pirates.
- FUNDA NALA | IDowns isimdedele uShalulile
Kuthiwa u-Oswin Appollis uthathe leli thuba ukuze aphumule ngemuva kwesizini ende neNdebe yoMhlaba.
Abalandeli sebezolinda ukubona ukuthi uzobuyela nini eNingizimu Afrika nokuthi ikusasa lakhe lizoba kuphi ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
