
U-Ouaddou usesole iChiefs ngokulimaza ‘ngabomu’ uMoremi
Ukulimala kukaTsepang Moremi esiwombeni sokuqala ngokusobala kuwaphazamisile amacebo ka-Abdeslam Ouaddou.
Futhi lo mqeqeshi we-Orlando Pirates akazange akufihle lokhu ekupheleni komdlalo la bebambane khona neKaizer Chiefs ngo 1-1.
IChiefs ilishaye kuqala igoli ngoPule Mmodi, kodwa uKamogelo Sebelebele wabe eselinganisela iPirates.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ouaddou uvumile ukuthi kulimaze yonke into ukuphuma kukaMoremi esiwombeni sokuqala.
“Impela silahlekelwe umdali obalulekile,” kusho u-Ouaddou. “Nabo bebazi ukuthi uyinkinga kubo ngenxa yejubane lakhe.
“Yingakho abadlali babo bemkhahlele bephindelela eqakaleni nje.”
Esikhundleni sikaMoremi kungeke uPatrick Maswangayi odlala maphakathi, kwabe sekusuka uRele Mofokeng wayodlala ophondweni.
“Sifake uTito naye wafika wakwenza konke okusemandleni akhe.
“Bonke abafana bazamile kodwa ke bekungadaliwe namuhla,” kusho u-Ouaddou.
Lo mphumela awenzanga luthi ukushintsha isimo sawo womabili lamaqembu njengoba esesezindaweni abevele ekuzo.
Nokho iPirates isangehlela kweyesibili uma iMamelodi Sundowns iyishaya iRichards Bay ngawo uMqgibelo ebusuku.
