Ezintsha

IRichards Bay ihloma ngonamava, kodwa ‘ohluphayo’ 

Leli qembu laKwaZulu-Natal lisemkhankasweni wokuqinisa isikwati salo ukulungiselela isizini ezayo kanti selihlonze abadlali ababili. 

UGabadinho Mhango noLindokuhle Mtshali kubikwa ukuthi baphezulu ohlwini lwabadlali leli qembu elifuna ukuqinisa ngabo.

Ngokubika kweFARPost, leli qembu laseKZN lisezingxoxweni nabaphathi balaba badlali ababili. 

Iqembu libheke ukuqinisa isikwati salo ngemuva kwenye isizini ebinzima yize likwazile ukuqeda kwiTop 8 okokuqala.

UMhango, odabuka eMalawi, usanda kuhlukana neMarumo Gallants ahlale kuyo isizini eyodwa. 

Ujoyine iGallants ekuqaleni kwesizini ngemuva kokuthenga kwayo isitifiketi seMoroka Swallows. 

UMhango ushaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-25 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.

Lo mgadli onekhono elihle, uke waba nezinkinga zokuhluleka ukuziphatha kuwo cishe wonke amaqembu aseke wadlala kuwo phambilini okubalwa i-Orlando Pirates naMaZulu FC.

Ngesikhathi ekwiGallants, waba sengozini yemoto futhi kusolwa ukuthi wayephuze utshwala futhi ehamba namantombazane emotweni. 

Khonamanjalo, uMtshali kulindeleke ukuthi ashiye iSekhukhune United ngemuva kwesizini eyodwa engabanga yinhle kuye. 

Udlale imidlalo emibili kuphela. Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ujoyine esuka kwiSwallows ngonyaka odlule.

Kukhona elibangisa i-Richards Bay kuMtshali

UMtshali uke wamiswa kwiSekhukhune ngo-Ephreli ngenxa yokunyamalala engabikanga. 

Nakuba kamuva ebuyiselwe eqenjini, akazange aphinde adlale ngaphambi kwaze kwaphela isizini.

UMhango noMtshali bake badlala ndawonye kwiSwallows phambilini. 

Ukuhlangana kwabo kwi-Richards Bay kubhekwe ukuthi kwenyuse izinga kuleli qembu kwazise bangabadlali abanamava.

I-Richards Bay ibonakala ihamba phambili kulo mjaho wokubasayina. Kodwa zikhona nezimbangi.

AmaZulu nawo kuvela ukuthi akhombise intshisekelo kuMtshali oseke wadlala kwiGolden Arrows neReal Kings phambilini.

Imenenja yabo uMike Makaab, ikuqinisekisile ukuthi i-Richards Bay iyabafuna kodwa yathi akukaphothulwa lutho.

“Kukhona intshisekelo, kodwa akukho osekuphothuliwe okwamanje,” uMakaab usho kanje kwiFARPost.

Njengoba kuzovulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali maduze, iRichards Bay ibheke ukuqala ngalaba ababili.