EzintshaOrlando Pirates

Bebekuphi oMbuthuma noSibisi? U-Ouaddou uyachaza

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usechaze ukuthi kungani u-Yanela Mbuthuma noNkosinathi Sibisi bengazange badlale emdlalweni wangoLwesibili.

IPirates ishaye iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Amstel Arena.

La maqembu aphinde abhekana ezinsukwini ezine nje kuphela ngemuva kokuthi iPirates ishaye iSekhukhune ngo 1-0 emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu kwiMTN8.

U-Ouaddou uthe uSibisi ubephunyuziwe njengoba iqembu libheke komunye umdlalo obalulekile neSekhukhune ngoMgqibelo.

U-Yanela Mbuthuma yena ushiywe ngaphandle ngenxa yokushintshanisa abadlali. 

U-Abdeslam Ouaddou uthe bekuyisikhathi sokuthi aphumule, bese abanye abagadli banikwe ithuba.

“Kumele siqaphele umthwalo wabadlali. Umsebenzi wethu ukubikezela nokugwema ukulimala. 

“Ngakho simphumuzile uSibisi,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo wangoLwesibili.

Mayelana noMbuthuma, uthe: “Ube nesikhathi esiningi sokudlala. 

“Bekuyisikhathi sokuthi naye aphumule futhi sibone nabanye abagadli.”

U-Ouaddou ugcizelele ukuthi ukushintshanisa abadlali bekubalulekile ngenxa yesheduli eminyene yePirates.

“Bekuyisikhathi esifanele sokwenza izinguquko,” kuqhuba lo mqeqeshi osenemidlalo engu-50 kwiPirates.

Amehlo azoba ku-Abdeslam Ouaddou ukuthi uzombuyisela yini u-Yanela Mbuthuma eqenjini njengoba uBoitumelo Radiopane edlale kahle futhi washaya negoli.

IPirates manje izobheka emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamnqamu weMTN8 neSekhukhune ngoMgqibelo khona e-Orlando Amstel Arena.