
Ngisho uMosimane ngeke alunge kwiKaizer Chiefs – inkakha
Owayengunozinti weKaizer Chiefs uJoseph Setlhodi uthi abalandeli beqembu kumele bakhohlwe ukukhalela umqeqeshi, kunalokho baqale ukubuza ngabadlali.
USethlodi ukholwa ukuthi inkinga yeKaizer Chiefs akuyona into engaxazululwa ngokuqashwa komqeqeshi omusha noma ngabe usezingeni eliphezulu kanjani.
Inkinga uyikhomba kubaphathi athi kumele bashintshe ukucabanga nokwenza kwabo ngoba yikho okugqilaza iqembu.
Ukholwa ukuthi Amakhosi kumele asayine abadlali abasezingeni ukuze iqembu libuyele esimweni elalaziwa ngalo phambilini.
“Ngaphambi kokuthi ukhulume ngabaqeqeshi, ake sikhulume ngabadlali,” uSethlodi usho kanje kwabeFARPost.
“Ungaletha abaqeqeshi abangu-20 kwiChiefs njengamanje, kungaba abahamba phambili emhlabeni, kodwa imiphumela ngeke ishintshe.
“IChiefs ayinabo abadlali abafanele. Inkinga yileyo. Umqeqeshi akawunqobi umdlalo; ngabadlali abawina umdlalo. Umqeqeshi uyababonisa kuphela.”
USetlhodi ukhwele wadilika nasebuholini bekilabhu, ebanxenxa ukuthi abavule amehlo ukuze babone ubunjalo besimo ababhekene naso eqenjini.
“Uma uyimpumputhe kodwa uhola isizwe, leso sizwe sizohluleka ngoba awuboni lutho. Angicabangi ukuthi iKaizer Chiefs inabaholi abafanele abakwazi ukubona okwenzekayo.
“Wonke umuntu uyabona ukuthi inkinga ikuphi kwiChiefs. Kodwa abazilungisi izinkinga. Umbuzo uthi, kungani?”
Njengoba izingxenye zabalandeli seziqalile ukucela ukuthi kuqashwe uPito Mosimane njengoba zimbona njengomsindisi ongavusa leli qembu labo, uSetlhodi uwuchithile lowo mbono.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“UPitso ngeke ahlale isikhathi esitheni kwiChiefs njengamanje. Uyazi ukuthi kungani? Ngenxa yokuthi iChiefs ayinabo abaholi abahle, ayazi ukuthi izobhekana kanjani nezindaba zebhola.
“Bacabanga ukuthi ibhola liyibhizinisi nje; uvele uye ehhovisi uhlale khona. Ibhola lingenye into,” kuqhuba le nkakha.
“Uma uPitso eya kwiChiefs, uzofuna abadlali. Uma bengamniki lokho akudingayo, uzobe eseyashiya.
“UPitso ngeke asebenze ngalaba badlali abangekho ezingeni abakhona njengamanje. Awukwazi ukuba nabadlali abahola u-R50 000 kodwa abasadinga ukufundiswa izinto ezifana nokubamba ibhola.”
FUNDA NALA | UMiddendorp ugudle uHunt
IChiefs yehlukane ngokusemthethweni noNasreddine Nabi obengumqeqeshi kanti ithe okwamanje kuzobamba uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.
Nokho abalandeli babheke ngabomvu ukuthi yimuphi umqeqeshi ozobe eseqashwa ngemuva kwalokho, kanti bona bafisa uMosimane phakathi kwabanye.
