
U-Elias Mokwana neKaizer Chiefs? Abamphethe bayaphawula
Inkampani ephethe umdlali wasesiswini weBafana Bafana ne-Esperance u-Elias Mokwana isikhulume ngemibiko ematanisa lo mdlali nokufudukela kwiKaizer Chiefs.
Kube nemibiko ekuqaleni kwaleli sonto eveza ukuthi iKaizer Chiefs isifongqe isigqoko kwi-Esperance icela isihlobo esihle ngo-Elias Mokwana.
Amakhosi abevele ezifela ngalo mdlali odle ngejubane ngaphambi kokuthi akhethe ukufudukela eNyakatho Afrika ngaphambi kokuqala kwale sizini.
“Alikho iqiniso kuleyo mibiko yokuthi uMokwana uzojoyina iKaizer Chiefs.
“Ayikho nhlobo into efana naleyo,” kusho omele iCream Sports kwiKickOff.com.
Uqhube wathi uma kukhona umnyakazo ozokwenzeka, yibo abazoba ngabokuqala ukwazi njengoba kufanele kudlule kubo konke.
“Okwamanje yinto nje yabantu abanezifiso zabo, futhi ingenye yalezo zindaba eziphazamisayo,” kwengeza yena.
“Ikhempu yakhe ayikatholi lutho oluvela kwiKaizer Chiefs kanti u-Elias Mokwana usajabule kwi-Esperance.”
UMokwana ujoyine i-Esperance esuka kwiSekhukhune United ngaphambi kwesizini ka-2024/25.
Udlale indima ebalulekile ekutheni leli qembu linqobe izindebe ezimbili – eseligi nendebe.
Lezi zinkunzi zaseTunisia ziphinde zenza kahle kwiCaf Champions League lapho zigcine zihluleka khona esigabeni somkhumulajezi.
Zikhishwe yiziqhwaga zaseNingizimu Afrika iMamelodi Sundowns emzuliswaneni wokuqala wesigaba somkhumulajezi kulo mqhudelwano wezwekazi.
UMokwana nokho ubengeyena umdlali oqala yonke imidlalo kule sizini futhi kuke kwavela ukuthi angase ashiye kuleli qembu ngoNovemba.
Lokhu bekungemuva kwengxabano ngenkontileka yakhe, kodwa inkampani emphethe igcizelela ukuthi usazinikele kulezi zikhondlakhondla zaseTunisia.
IKaizer Chiefs kubikwa ukuthi isemakethe ngoba ifuna ukuqinisa iqembu ngemuva kokuqeda endaweni yesishiyagalolunye kwiBetway Premiership.
Kodwa ke u-Elias Mokwana akatholakali ukuthi azoyisiza – okwamanje.
