
UMasehe uchaza ngekhadi elibomvu likaKaze kowePirates
Iphini lomqeqeshi we-Sekhukhune United u-Paulus Masehe usechaze ngokwenzekile okwenze umqeqeshi uCedric Kaze wakhishwa ngekhadi elibomvu emdlalweni ne-Orlando Pirates.
UKaze ukhishwe emizuzwini yokugcina yomdlalo ngesikhathi iSekhukhune ihlulwa ngo 2-0 yiPirates kwiBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Lamaqembu abebhekene okwesibili ezinsukwini ezine. Asazophinde ahlangane nangempelasonto.
UMasehe uthi ukukhishwa kukaKaze kudalwe ukungaqondani phakathi kwakhe nonompempe wesine.
“Ngicabanga ukuthi bekuyisigameko esingesihle. Bekunokungaqondani phakathi komqeqeshi wethu nonompempe wesine,” kusho uMasehe.
“Angicabangi ukuthi noma yini ayishilo ibifanele lesi sijeziso. Kodwa akukho esingakusho.”
U-Paulos Masehe uphinde wavuma ukuthi i-Sekhukhune United yehlulekile ukusebenzisa amathuba ayo ngesikhathi ihlasela ngokuzumisa.
“Sikwazile ukubakhungathekisa, kodwa ngesikhathi sithola ibhola, asizange siphumelele ngokwanele ekuhlaseleni ngokushesha,” kusho yena.
- FUNDA NALA | USolomons uphawula ngombango wezindawo kuMakhosi
Uthe iPirates ikwazile ukujezisa iSekhukhune ngesikhathi ibheke ukulinganisa.
“Bashaye igoli ngesikhathi sizama ngamandla ukubuyela emdlalweni,” kwengeza uMasehe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
