
ULaffor uhlonza onganqobisa iSundowns iChampions League
Obengumdlali weMamelodi Sundowns phambilini – futhi owayekhona inqoba iCaf Champions League – u-Anthony Laffor useveze umqeqeshi ongayiphindisa le ndebe.
IMamelodi Sundowns iyishwebe isithembile kulokhu le ndebe, ihlulwa kowamanqamu yiPyramids SC yase-Egypt.
Selokhu yayigcina ngo-2016, kanti kuvela ukuthi iyona ndebe abaphathi beMamelodi Sundonws abayifunayo.
Kule sizini ephelile, iSundonws inqobe isicoco seligi yakuleli kuphele – into ebisiyenza okwesishiyagalombili kulandelana.
Umqeqeshi odlule, uRulani Mokwena uxoshiwe kuleli qembu ngoba kuthiwa kufana nokuthi akenzanga lutho uma enqobe iligi.
Lokhu kwashiwo yize iSundowns kade iqophe amarekhodi amasha kwiligi yaluleli ngaleyo sizini.
Kulokhu ke kubhekwe ngabomvu ukuthi bazomisa kanjani ngoMiguel Cardoso kwazise naye unqobe iligi kuphela.
U-Anthony Laffor useqhamuke nesixazululo esingasiza iMamelodi Sundowns iphinde inqobe le ndebe.
Ngokwakhe, kumele le kilabhu ibuyisane noPitso Mosimane ukuze aphinde ayisize ukuba ngompetha basezwenikazi.
Kwakungaphansi kukaMosimane ngesikhathi leli qembu liphakamisa le ndebe ngo-2016.
“Sekuyisikhathi sokuthi uPitso Mosimane abuyele ekhaya,” ubhale kanje lo mdlali odabuka eLiberia osathatha umhlalaphansi kwi-Instagram yakhe.
Uphinde wafaka isithombe la yena, uLebogang Maboe noGaston Sirino benoMosimane ebacebisa.
“Ukube bekunendlela yokuthi uPitso Mosimane abuvele eqenjini lethu esilithandayo iSundowns ngesizini ezayo, iChampions League bekuzoba ngeyethu nakanjani.
“Ake sibeke ipolitiki yebhola eceleli nje,” usiphelezele ngalo mbhalo lesi sithombe.
UMosimane njengamanje akanaqembu kanti ulokhu ekhonjwa ngapha nangapha.
Abanye bamkhomba kwi-Orlando Pirates elaxazwe uJose Riveiro esethole amadlelo aluhlaza kwi-Al Ahly.
Kukhona abamkhomba kwiZamalek e-Egypt kanti abanye bamkhomba kwiWydad Athletic esanda kuxosha uMokwena.
