
UMokwena uphawula ngokugajwa kukaZwane kowamanqamu
Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ukhethe ukungasigxeki isinqumo sokushiywa kukaThemba Zwane ngaphandle emdlalweni wamanqamu weCaf Champions League.
Kunalokho uncome lo mdlali wasesiswini ongumakadebona, ethi uwuphawu lwethemba kubadlali abaningi abasebancane eNingizimu Afrika.
UThemba Zwane ubambe elikhulu iqhaza ekunqobeni kweSundowns isicoco seBetway Premiership kodwa akazange adlale kowamanqamu.
URulani Mokwena, ekhuluma kwiSoccer Africa, ucelwe ukuthi abeke imibono yakhe ngokushiywa ngaphandle kukaThemba Zwane.
“Angifuni ukukhuluma ngalokho,” kusho yena. “Wonke umuntu uyazi ukuthi ngizizwa kanjani ngoMshishi.”
Uthe uhambo lukaZwane – kusuka emigwaqweni enothuli yaseTembisa kuya esigabeni sebhola elikhokhelayo – lukhuluma okukhulu ngaye.
“UMshishi ungumdlali okhethekile. Umele isiko lebhola laselokishini. Waqala kwiVardos, wadlula ezikhathini ezinzima, wagcina engumdlali ophezulu ezingeni elikhokhelayo.”
URulani Mokwena ugcizelele ukubaluleka kwabadlali abayisibonelo njengoThemba Zwane ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Laba ngabadlali okufanele baphumelele. Lapho izingane zaseTembisa noma kwamanye amalokishi zibona ukukhula kwakhe, zizokholelwa ekutheni nakuzo kungenzeka.”
Mayelana nokuthi ngabe uThemba Zwane ubezodlala yini ukube bekunguye umqeqeshi, uRulani Mokwena uvele wacasha ngesithupha.
Nokho uthe uhlonipha ilungelo negunya likaMiguel Cardoso ongumqeqeshi weSundowns njengamanje lokuziqokela iqembu ngendlela abona ngayo.
“Lokho kuhlale kuyigunya lomqeqeshi. Angikwazi ukwahlulela,” kuqhuba uMokwena.
“Kodwa ngiyazi ngesikhathi ngikwiSundowns, izikhathi eziyisishiyagalolunye kweziyishumi, uMshishi ubedlala.”
Wengeze ngokuthi kungenzeka kube nezinto zaseqenjini eziphoqelele lesi sinqumo.
UMokwena, osanda kwehlukana neWydad Athletic yaseMorocco, ungomunye wabamataniswa ne-Orlando Pirates.
Uyibeke yahlala obala eyokuthanda nokuhlonipha uZwane njengomdlali, nanjengomuntu ohlonipha umsebenzi wakhe.
“Uyohlala eyisibonelo esihle. Lokho kubaluleke ngaphezulu kokungadlaliswa emdlalweni owodwa.”
