
AmaZulu asememezele abadlali abayisikhombisa abasha
AmaZulu FC asememezele ngokusemthethweni ukusayinisa abadlali abayisikhombisa abasha njengoba iqhubeka nokwakha isikwati esizolwa ngaso ngaso ngesizini ezayo ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane.
Usuthu luqede endaweni yesine kwiBetway Premiership ngesizini edlule futhi lunethemba lokwenza kangcono kule sizini entsha.
Njengamanje leli qembu lisenkambini yokuzilolonga eGoli lilungiselela ukuqala kwesizini.
Kubadlali abasha kukhona u-Omega Mdaka, ongumdlali wasemuva kwesobunxele osuka kwiStellenbosch FC, noKhomotjo Lekoloane.
Kuphinde kwasayiniswa umdlali wasesiswini uMncedi Vandala osuka kwiMagesi FC, nomdlali wasemuva kwesokudla uKeenan Phillips, obedlala kwiGolden Arrows.
Usuthu luphinde lwaqinisa esiswini ngokusayinisa uGape Moralo osuka kwiSiwelele FC, unozinti wase-Ivory Coast uFaveur Kouassi osuka kwiDjobila AC yaseMali, nomgadli waseKenya uMoses Shumah.
UShumah ufika eThekwini ngemuva kwesizini enhle kakhulu kwiPower Dynamos yaseZambia, lapho ashaye khona amagoli angu-23 kuyo yonke imiqhudelwano.
UMengameli woSuthu, uSandile Zungu, uthe laba badlali basayiniswe ngemuva kokucutshungulwa ngokucophelela.
Futhi ukholwa ukuthi bazoletha ikhwalithi, isimilo nesifiso sokusiza iqembu lifeze izinhloso zalo kule sizini.
- FUNDA NALA | USebelebele ubona uMofokeng edlula eBelgium
AmaZulu angelinye lamaqembu okubhekwe ukuthi alwele izindebe kule sizini eziqala ngo-Agasti njengoba akhela phezu sesisekelo esihle seyangedlule.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
