EzintshaMamelodi Sundowns

UZothwane ubhodla ngokwamphula umoya kwiSundowns

UPapi “Ginger” Zothwane, oyiphini lo mqeqeshi weMagesi FC namanje usavukelwa yisibibithwane uma ecabana into eyamehlela esadlala kwiMamelodi Sundowns.

Lo mdlali wayekade efuna ukuya kwiKaizer Chiefs futhi ngokwakhe wayeseqede konke naleli qembu laseNaturena.

Nokho i-Arrows yakuhoxisa lokho, yathi usayine le nkontileka neChiefs ingakapheli abanayo naye.

Wagcina ephelele eChloorkop kwiSundowns. Usanda kulanda ngesehlo esamphula umphefumulo, esenzeka ekwiSundonws nangasikhohlwa namanje.

“Ngaqala mgokuthi ngilimale futhi kwangithatha isikhathi eside ukuthi ngilulame,” kusho uZothwane.

“Ngaleso sikhathi kwakusondela iNdebe yoMhlaba ka-2010 eNingizimu Afrika, wonke umdlali ebheke ukuba yingxenye yayo.

“Ngalahlekelwa yikhokho lami futhi kuze kube namanje angilazi ukuthi lathathwa ngubani.” 

Uthi ngesikhathi elimele, wathuka kwacishe koma amathe esebona kwethulwa uTeko Modise esegqoke inombolo yakhe yena engazi lutho.

“Ngemuva kwalapho ngabona uTeko Modise esegqoke ijezi lami, uNombolo 10, ngingatshelwanga mina ngoba ngangilimele.

“Zonke lezi zinto zawubulala kakhulu umoya wami,” kusho uZothwane.

Umqeqeshi weSundowns ngaleso sikhathi kwabe kunguPitso Mosimane nokunguye owalanda uTeko Modise kwi-Orlando Pirates.

UZothwane, owayedlala ibhola elinkosi phakathi kwi-Arrows, wehlelwa yifomu ngenxa yokuphathwa kabi kwiSundowns. 

Wagcina ngokuthi akhale emnyango njengoba asayina kwi Bloemfontein Celtic ngaphambi kokuthi athathe umhlaphansi ebholeni.

UZothwane waqala ukugqama ebholeni kwiMaritzburg City, ngaphambi kokusayinwa nguRocky Madlala owayengusihlalo weGolden Arrows nongasekho emhlabeni. 

Njengamanje usengumqeqeshi kanti emaqenjini aseke wawacija singabala Uthongathi FC, iBlack Leopards neVenda FC njengoba manje eseyiphini likaClinton Larsen.