
UZwane uxwayisa AmaZulu ngoNgwenya ‘ongayibheki inethi’
U-Arthur Zwane usexwayise AmaZulu ukuthi awakwazi ukuqhubeka nokuthembela kuThandolwenkosi Ngwenya kuphela ukuthi ngamagoli.
UNgwenya uqale kahle kakhulu kule sizini, njengoba eseshaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisikhombisa.
Ayisikhombisa kulawa uwaqophe kwiBetway Premiership, okusho ukuthi ushaye igoli kuwo wonke umdlalo weligi Usuthu oluwudlalile.
Ekuqaleni kukaSepthemba uqokwe njengoMdlali weNyanga ngemuva kokushaya amagoli amahlanu emidlalweni emine.
Ngesonto eledlule ushaye ngekhanda igoli elinqobise AmaZulu ngo-1-0 ebhekene neMarumo Gallants, ngemuva kokuphakelwa ibhola nguNkosikhona Radebe.
Nokho, u-Arthur Zwane ubona lokhu kuyinkinga njengoba ngaphandle kuka-Thandolwenkosi Ngwenya, uRadebe noMlondi Mbanjwa kuphela asebeshaye amagoli kule sizini.
“Yinto esikhathazayo leyo,” kuvuma uZwane. “Ngaphambi kokuthi sikhulume ngamagoli, kumele sibheke indlela abadlali abadlala ngayo ngamunye.
“Uma ubhekene neqembu elizimisele ngokuzivikela futhi elizimisele ukubeka imizimba yalo endleleni, uzobhekana nezinselelo uma lawo mathuba acacile engazivezi kalula.”
UZwane uthi AmaZulu awatholile amathuba ebhekene neGallants, kodwa ehluleka ukuwasebenzisa.
“Besinezikhathi lapho sifaka khona ibhola ezindaweni eziyingozi futhi saba namathuba okushaya amagoli.
“Kodwa besishesha kakhulu ngaphandle kwesizathu,” kuchaza lo mqeqeshi ozakhele igama kwiKaizer Chiefs.
“Konke kwagcina sekwehlele ekuthatheni izinqumo okungekuhle.
AmaZulu anamaphuzu angu-13 emidlalweni eyisithupha futhi alingana ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili.
Emdlalweni olandelayo azobhekana nePolokwane City e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.
- FUNDA NALA | UHack uncoma iBucs, uyathimula ngeChiefs
U-Thandolwethu Ngwenya useluthwalile Usuthu kwaze kwaba manje, kodwa u-Arthur Zwane ufuna nabanye abadlali baqale bamthwalise lo mthwalo wamagoli.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
