
Okwenza uSebelebele abone uMofokeng edlula eBelgium maduze
Umdlali we-Orlando Pirates, uKamogelo Sebelebele usehalalisele abedlala naye kuleli qembu uRelebohile Mofokeng ngokufeza iphupho lakhe lokuyodlala e-Europe.
UMofokeng usanda kujoyina iqembu elikhulu laseBelgium, i-Union Saint-Gilloise, ngenkontileka yeminyaka emine.
Lokhu kulandela ukuzakhela igama elihle ngekhono elihle eminyakeni emine ayihlale kwiPirates.
U-Kamogelo Sebelebele uthi akekho omunye umdlali obefanele leli thuba ukwedlula u-Relebohile Mofokeng ngenxa yomsebenzi omuhle awenzile esadlala eNingizimu Afrika.
“Akekho ofaneleke ukwedlula yena. Wenze konke obekumele akwenze lapha eMzansi,” kusho uSebelebele.
“Manje sekuyisikhathi sokuthi azibonakalise ezingeni eliphezulu futhi athole inselelo entsha.”
Lo mdlali uphinde waveza ukuthi ukholwa wukuthi uMofokeng ngeke agcine eBelgium kuphela, kodwa uzodlulela kwenye lamaligi amakhulu ase-Europe.
“Nginesiqiniseko sokuthi ngemuva kwesizini eyodwa noma amabili, uzobe esedlalela iqembu lase-England noma laseSpain.
“Unekhono elikhulu kakhulu futhi ufanelwe ukudlala kulelo zinga,” kuqhuba yena.
USebelebele uthi abalandeli be-Union Saint-Gilloise bazokujabulela ukubuka uMofokeng ngenxa yendlela adlala ngayo.
“Uma ephethe ibhola kwenzeka izinto ezimangalisayo. Uyakwazi ukuvula izikhala lapho kubonakala sengathi azikho, akhele nozakwabo amathuba.
“Ungumdlali okhethekile, owenza umlingo uma ephethe ibhola futhi uyakwazi ukushintsha umdlalo nganoma yisiphi isikhathi.”
- FUNDA NALA | UTrump uvuma ukunxenxa iFifa ngobemisiwe
U-Kamogelo Sebelebele uthi ufisela u-Relebohile Mofokeng inhlanhla kulesi sigaba esisha somsebenzi wakhe.
Wengeza ngokuthi ukholwa wukuthi uzoyimela kahle iNingizimu Afrika futhi aqhubeke nokwakha igama lakhe ebholeni lase-Europe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
