
I-PSL izohlonipha izisulu zokubulawa kwabesifazane
I-Premier Soccer League (PSL) isimemezele ukuthi kuzoba nemizuzu yokuthula kuyo yonke imidlalo yeBetway Premiership neMotsepe Foundation Championship kule mpelasonto.
Lesi sikhathi sokuthula sizoqala ngoLwesine ebusuku emdlalwnei we-Orlando Pirates neDurban City e-Orlando Amstel Arena.
Futhi sizoqhubeka kuyo yonke imidlalo yangempelasonto, njengoba izwe lizilile ngenxa yokubulawa kwabesifazane nodlame olubhekiswe kubo.
Amaphoyisa aqinisekise ngoLwesine ukuthi kutholakale isidumbu sowesifazane wesishiyagalolunye eDawn Park, eBoksburg.
Lokhu kukhuphule isibalo saya kwabayisishiyagalolunye abesifazane okutholakale izidumbu zabo ezindaweni ezahlukene Ekurhuleni kusukela maphakathi noJulayi.
Omunye wabaziwayo ngu-Elizabeth “Tsontso” Moselakgomo, obengumgijimi oneminyaka engu-38.
Wayekade enyamalale ngesikhathi egijima, ngaphambi kokuthi kutholakale ukuthi ushonile.
Lezi zigameko seziholele emicimbini yokukhumbula izisulu, emibhikishweni nokwanda kokukhathazeka ngodlame olubhekiswe kwabesifazane.
I-PSL ithe nayo ijoyina isizwe ekulileni.
“I-PSL ijoyina isizwe ekulileni izisulu zokubulawa kwabesifazane nochungechunge lwakamuva lokubulawa kwabantu,” kusho le nhlangano.
“I-PSL idlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubathandekayo babo bonke abalahlekelwe izimpilo zabo kulesi sikhathi esinzima nesibuhlungu.
“Sikhathazeke kakhulu ngobugebengu obunodlame obubikiwe ezikhathini zakamuva, nalobo okungenzeka abuzange bubikwe, futhi sethemba ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka.”
- FUNDA NALA | UZwane uxwayisa AmaZulu ngoNgwenya
Le nhlangani ithe lesi sikhashana sokuthula sizoba khona kuyo yonke imidlalo yeBetway Premiership neMotsepe Foundation Championship.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
