EzintshaOrlando Pirates

Zidliwe ababili bePirates noyedwa weGalaxy izindondo zePSL

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uphinde wadla eyoMqeqeshi weNyanga, kwathi umdlali osemncane uCemran Dansin yena wahamba neyeGoli leNyanga.

Umdlali weTS Galaxy, uPuso Dithejane yena uphinde wahlabana ngeyoMdlali weNyanga osekungokwesibili kulandelana. 

Izinyanga kaNovemba nekaDisemba zihlanganisiwe kule miklomelo kwazise uDisemba ube yinganga encane kwiPSL ngenxa yekhefu leCaf Africa Cup of Nations. 

UDithejane – odlala esiswini – ube nesandla ekwenzeni kahle kweTS Galaxy kulezi zinyanga ezimbili.

Ushaye igoli elilodwa wabe esakhela ozakwabo amabili esiza iRockets ukuthi ingene emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala uyidle eyibanga kanzima nomgadli we-Orlando Pirates u-Oswin Appollis no-Athini Maqokolo waMaZulu FC. 

Bobabili u-Appollis no-Maqokolo nabo benze kahle ngesikhathi esifanayo futhi bashaya namagoli abalulekile emaqenjini abo. 

Khonamanjalo, u-Ouaddou uthole ukuhlonishwa okwesibili kulandelana ngowoMqeqeshi weNyanga kulandela ukunyusela i-Orlando Pirates esicongweni selogi yeBetway Premiership. 

Lo somaqhinga waseMorocco uhole amaBhakabhaka anqoba imidlalo emine, adlala ngokulingana owodwa emidlalweni emihlanu.

Ubebangisana noPhuthi Mohafe wePolokwane City no-Arthur Zwane waMaZulu ngale ndondo.

Umklomelo weGoli leNYanga uthathwe uCemran Dansin oneminyaka engu-20 ubudala wePirates.

Igoli lakhe elimangalisayo alishaya bebhekene neMamelodi Sundowns ngoNovemba 1 yilo elimtholele le ndondo.

Bonke abawinile bakhethwe yithimba lamajaji elizimele elakhiwe yizintatheli nabasakazi abagunyazwe yiPSL.

  • Umdlali weNyanga: Puso Dithejane (TS Galaxy FC)
  • Umqeqeshi weNyanga: Abdeslam Ouaddou (Orlando Pirates)
  • Igoli leNyanga: Cemran Dansin (Orlando Pirates)