Ezintsha

Ukhonjwa phesheya owe-Golden Arrows obehalelwa amaningi

Sekuvele ukuthi iqembu laseBelgium iRoyal Charleroi SC selifinyelele esivumelwaneni ne-Golden Arrows ngokudayiselwa omunye wabadlali bayo.

Amahlebezi angaqinisekisiwe aveza ukuthi u-Isaac Cisse uzoshiya i-Golden Arrows ngaphambi kwesizini ezayo.

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala ugqame njengomunye wabadlali abasebancane abenza kahle kuBafana Bes’thende kule sizini ngaphansi komqeqeshi uManqoba Mngqithi.

Ukudlala kahle kwakhe maphakathi nenkundla kubikwa ukuthi kudonse isasasa elikhulayo emaqenjini amaningana e-Afrika yonkana.

Bekulindeleke nokuthi neziqhwaga zeBetway Premiership zibe khona embangweni wokumsayina.

Kepha manje kubonakala sengathi iCharleroi isukume ngokushesha ukuze imsayine kuqala lo mdlali othembisayo.

Amahlebezi aveza ukuthi osondonzima base-Afrika i-Al Ahly, iSimba SC ne-Espérance de Tunis nabo bebemagange ngalo mdlali wasesiswini.

Kukholakala ukuthi i-Esperance ize yathumela nesicelo esisemthethweni kuBafana Bes’thende njengoba ibheka ozovala isikhala sika-Onuche.

Nokho isicelo sayo kubikwa ukuthi sichithiwe yi-Golden Arrows ebone sengathi umdlali wayo ubaluleke kakhulu futhi engathengwa ngemali engcono.

Abaningi sebevele bambona enekusasa eliqhakazile futhi ezogcina engene eqenjini lesizwe laseSenegal maduze.

Uma kwenzeka isivumelwano siphothulwa, uCisse uzoba ngumdlali wakamuva ukusuka kwiBetway Premiershi aye phesheya.