EzintshaOrlando Pirates

UZothwane ufihle induku emqubeni noma uyayisaba iPirates?

INatal Rich Boyz izovakashela eZimnyama e-Orlando Amstel Arena ngoLwesithathu ebusuku.

Kodwa uZothwane ukubeke kwacaca ukuthi ngeke azifake ingcindezi yokulamanisa izinkunzi zaseSoweto ngenduku.

IRichards Bay isanda kunqoba ngo 1-0 ishaya Amakhosi eMhlathuze Stadium ngesonto eledlule, kanti uZothwane akafuni iqembu lakhe lizethembe ngokweqile. 

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili, uPapi Zothwane ugcizelele ukuthi iqembu lakhe alibheke kuqopha mlando.

“Angifuni ukuzifaka ngaphansi kwengcindezi,” kusho uZothwane ngaphambi kwalo mdlalo osubhekwe ngabomvu. 

“Sizobhekana nomdlalo ngamunye. Yonke imidlalo esiyidlalayo, sidlalela ukunqoba, futhi sizolwa.”

Yize kuwumdlalo wokuqala weligi phakathi kwala qembu kule sizini, aseke ahlangana phambilini kowandulela owamanqamu kwiCarling Knockout. 

Ngaleso sikhathi, iPirates iwasise iNatal Rich Boyz ijezi iyishaya ngo 1-0 wegoli likaTshepang Moremi.

IRichards Bay nokho izobe inomfutho kulokhu kulandela ukunqoba kwayo okushaqisayo ishaya iChefs. 

Nokho, kwiPirates izobhekana neqembu elisefomini futhi elizethembayo impela njengoba libuya emiphumeleni emihle. 

Ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou, iPirates okwamanje isendaweni yesibili kwilogi yeBetway Premiership.

Izobe ifuna ukunqoba okukhulu ukuze iphinde yeqe iMamelodi Sundowns ibuyele eqhulwini. 

Futhi njengoba umjaho wesicoco uqina, mancane amathuba okuthi i-Orlando Pirates ibe nomusa kuPapi Zothwane nezakhe.