
UDa Cruz uveza okumcike ngeChiefs ibambana neBay
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs u-Fernando Da Cruz uthi iqembu lakhe lilahle amaphuzu amabili libhekene neRichards Bay.
IChiefs ibuye kabili kade isilandela ngemuva ukuze ithole iphuzu emdlalweni ophele ngo 2-2 ePrincess Magogo Stadium ngoLwesithathu.
UDa Cruz uthi iChiefs ibingcono kunalembangi yayo kodwa yazilimaza ngamaphutha asemuva.
“Silahle amaphuzu amabili namuhla,” kusho uDa Cruz ngemuva komdlalo.
“Sidlale kahle kakhulu, besingcono kunembangi. Asizange sidlale ngokulingana ngoba bebengcono kunathi, kodwa yingoba senze amaphutha amaningi.”
U-Fernando Da Cruz uphinde wancoma abadlali abangene besuka ebhentshini, bafike bashintsha izinto kwi-Kaizer Chiefs.
UFaiz Abrahams no-Asanele Velebayi babe nomthelela omuhle ngemuva kokungena esiwombeni sesibili.
UVelebayi ube nesandla egolini lokulinganisa njengoba kunguye ophasele uSiphesihle Ndlovu ibhola abe eselibeka enethini.
“Kusukela ekuqaleni abadlali bethu abangena besuka ebhentshini benze umsebenzi omuhle,” kusho uDa Cruz.
“Kumele siqhubeke nalo mcabango ngoba asidingi abadlali abangu-11 kuphela, kodwa lonke iqembu.”
Ngaphansi kuka-Fernando Da Cruz, i-Kaizer Chiefs iqale kahle isiizni futhi ayikahlulwa emidlalweni yeligi.
Futhi isendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine.
- FUNDA NALA | Kube nenqwaba yamagoli kwiBetway Premiership
Ilandela ngamaphuzu amabili i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, abahamba phambili.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
